Dlulela kokuphakathi

JUNI 10, 2022
EMEXICO

Kukhululwe INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki NgesiNahuatl (SaseNyakatho Puebla)

Kukhululwe INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki NgesiNahuatl (SaseNyakatho Puebla)

NgoJuni 5, 2022, uMfoweth’ u-Edward Bunn, oyilungu leKomiti Yegatsha YaseCentral America ukhulule INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiNahuatl (saseNyakatho Puebla), ikhululwe ngohlelo lwezobuchwepheshe nangohlelo olunyathelisiwe. Uhlelo oluqoshiwe lwalubukelwe abantu abangaphezu kuka-1 500.

Iningi labantu abakhuluma isiNahuatl (saseNyakatho Puebla) lihlala ezifundeni zaseMexico ePuebla naseVeracruz. Ibandla lokuqala lesiNahuatl (saseNyakatho Puebla) lamiswa ngo-2002. Abamemezeli ensimini bebelokhu besebenzisa iBhayibheli lesiNahuatl (saseNyakatho Puebla) elifaka isiqu esithi Nkosi nesithi Nkulunkulu esikhundleni segama likaJehova.

Phakathi nenkulumo yakhe, uMfoweth’ uBunn wathi: “Sinikhuthaza ukuba niyifunde ngokushesha le nguqulo yemiBhalo YamaKristu YesiGreki. Ningaqiniseka ngokuthi iwudlulisela ngokunembile umyalezo kaNkulunkulu ngolimi lwenu.”

Siyaqiniseka ngokuthi le nguqulo izoqinisa futhi isize abafowethu nodadewethu abakhuluma isiNahuatl (saseNyakatho Puebla) ukuba bakwazi ukuxoxela abantu izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.—Marku 13:10.