Dlulela kokuphakathi

Abahlaseli abangamaHuichol bacekela phansi imizi, bantshontsha izicabha, amafasitela nophahla. Isithombe esincane: Amalungu ebandla elisendaweni yamaHuichol axoshwe emizini yawo.

FEBHUWARI 6, 2018
EMEXICO

OFakazi BakaJehova EJalisco EseMexico Baxoshwe Emizini Yabo Esendaweni YamaHuichol

OFakazi BakaJehova EJalisco EseMexico Baxoshwe Emizini Yabo Esendaweni YamaHuichol

EMEXICO CITY—NgoDisemba 4, 2017, iqulu labantu lahlasela abazalwane abangu-12 nabanye abantu abangu-36 abazihlanganisa nabo emphakathini wabomdabu bamaHuichol, babaxosha emizini yabo eTuxpan de Bolaños, eyidolobha elincane elisezintabeni zaseJalisco eMexico. Leli qulu labantu lalithukutheliswe ukuthi oFakazi benqaba ukuhlanganyela emasikweni amaHuichol angokwenkolo. Abazalwane bethu bacele usizo kwabezomthetho kulokhu kuhlaselwa ngenxa yenkolo yabo.

Izimpahla zabafowethu zantshontshwa, ezinye zalahlwa.

Iziphathimandla zaseMexico ziyawahlonipha amasiko amaHuichol, kangangokuthi zinikeza lo mphakathi imvume yokuzilawula ngokwezinga elithile. Abahlaseli babethunywe uhulumeni wendabuko wamaHuichol, futhi bacekela phansi imizi yoFakazi, bantshontsha izicabha, amafasitela kanye nophahla okunye bakulahla emgodini. Abazalwane babe sebeyiswa ehlathini batshelwa ukuthi bazobulawa uma beke nje bazama ukubuyela imizini yabo.

OFakazi BakaJehova abangamaHuichol, bami ngaphandle kweHholo LoMbuso.

Umzalwane ovela egatsheni laseMaxico waya kula bazalwane ukuze abaduduze ngamavesi eBhayibheli futhi ahlele ukuba bathole indawo yokuhlala. Abameli boFakazi BakaJehova baba nomhlangano nomqondisi kahulumeni waseJalisco, umshushisi omelela amalungelo abantu, umshushisi wesifunda kanye nomuntu omelele abayizisulu zobugebengu. Lezi zikhulu ezisebenza kwezomthetho zisaphenya ngalolu daba.

UMfowethu uGamaliel Camarillo okhulumela oFakazi BakaJehova eMexico uthi: “Kusiphatha kabi ngempela ukuthi abafowethu abanokuthula futhi abawahloniphayo amasiko endawo, baye bahlaselwa ngenxa nje yokungahlanganyeli emasikweni angokwenkolo angavumelani nonembeza babo. Sithemba ukuthi iziphathimandla zendawo zizokuqeda lokhu kuhlasela okubangelwa ukucwasa ngokwenkolo.”

Siyabathandazela abafowethu abalahlekelwe imizi yabo nempahla yabo, futhi siyaqiniseka ukuthi uJehova uzoqhubeka ebanikeza usizo esebenzisa inhlangano yakhe.—Isaya 32:2.

Abezindaba:

Emhlabeni jikelele: UDavid A. Semonian, Ihhovisi Lokwaziswa, +1-845-524-3000

EMexico: UGamaliel Camarillo, +52-555-133-3048