Dlulela kokuphakathi

JULY 3, 2014
EMEXICO

OFakazi Bahlanganyela Embukisweni Wezincwadi Nomagazini WaseMexico City Wango-2014

OFakazi Bahlanganyela Embukisweni Wezincwadi Nomagazini WaseMexico City Wango-2014

EMEXICO CITY—OFakazi BakaJehova babephakathi kwezinhlangano ezingu-150 ezinyathelisayo ezazikhona kuyi-Expo Publica Book Fair yokuqala, eyayihlelwe yi-National Chamber for the Mexican Publishing Industry (CANIEM). Lo mbukiso wawuse-World Trade Center eMexico City kusukela ngo-April 25 kuya ku-May 4, 2014, ngesikhathi i-CANIEM ihlanganisa iminyaka engu-50 yasungulwa. Cishe kwakukhona abantu abangaba ngu-20 000.

OFakazi babukisa ngezincwadi zabo, omagazini nama-video ahlukahlukene asekelwe eBhayibhelini. Babebukisa nangengosi yabo engokomthetho, i-www.pr418.com, lapho kunezincwadi ongazidawuniloda ezitholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-650. Ababekhona bathatha izincwadi zoFakazi ezingaphezu kuka-1 600 futhi abanye bacela nokuvakashelwa emakhaya abo. Njengoba oFakazi BakaJehova bevame ukwenza, zonke izincwadi zazikhishwa mahhala nezifundo zeBhayibheli zasemakhaya zazibhaliswa mahhala.

UGamaliel Camarillo, umkhulumeli woFakazi BakaJehova eMexico, uthi: “Kwasijabulisa ukuthi abantu abaningi babeza ematafuleni ethu, besitshela indlela abalithanda ngayo iBhayibheli nengosi yethu i-jw.org. Sikubheka njengenkonzo yomphakathi ukwenza lezi zincwadi eziwusizo zitholakale mahhala kubantu abamatasa lapho bezidinga. Kithi, ukuba khona kulo mbukiso kwaba impumelelo enkulu.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Mexico: Gamaliel Camarillo, tel. +52 555 133 3048