Dlulela kokuphakathi

NOVEMBA 15, 2018
EMEXICO

Zigadle Zilandelana Izinhlekelele Zemvelo EMexico

Zigadle Zilandelana Izinhlekelele Zemvelo EMexico

Ngo-Okthoba 23, kuhlasele iziphepho uVicente noWilla eMexico. UVicente ubangele izikhukhula ezinamandla nokudilika kodaka eningizimu yeMexico, kwafa abantu abangu-11. Isiphepho uWilla ebesiphelezelwa izimvula ezinamandla nomoya obunesivinini esingamakhilomitha angu-193 ngehora, sihlasele izingxenye ezisogwini lolwande iPacific okuphoqe abantu abangu-4 250 ukuba babalekele kwezinye izindawo eziphephile.

Igatsha laseCentral America okuyilona elinakekela umsebenzi wokushumayela eMexico, libika ukuthi abekho abafowethu nodadewethu abashonile noma abalimele ngenxa yalezi ziphepho. Nokho, eNayarit kudingeke ukuba abamemezeli abangu-118 basuke ezindaweni zabo baye ezindaweni eziphakeme. ESinaloa, kungene amanzi emizini eminingana yabafowethu naseHholo LoMbuso elilodwa. NaseMichoacán imindeni emihlanu yoFakazi ingenelwe amanzi ezindlini. Abafowethu nodadewethu bendawo sebeyilungisile imizi kanye neHholo LoMbuso ebelingenwe amanzi.

Sithandazela ukuba abafowethu nodadewethu abathintekile eMexico kulezi ziphepho baqhubeke bekhuthazela, futhi bakhumbule ithemba esinalo lokuthi esikhathini esizayo izinhlekelele zemvelo ngeke ziphinde zibe khona.—2 Korinte 6:4.