NOVEMBA 2, 2018
EMICRONESIA
Isiphepho Esinamandla UYutu Sibangela Umonakalo Eziqhingini ZaseNorthern Mariana
Ngo-Okthoba 24, 2018, isiphepho esinamandla seSigaba 5 esibizwa ngoYutu sibangele umonakalo eziqhingini zaseNorthern Mariana. Iziqhingi zaseSaipan naseTinian zithinteke kakhulu njengoba umoya obuhamba ngesivinini esingamakhilomitha angu-280 ngehora ucekele phansi imizi, wabangela nokucima kukagesi.
Ihhovisi legatsha laseMicronesia okuyilona elinakekela umsebenzi wokushumayela eziqhingini zaseNorthern Mariana, libike ukuthi abekho abafowethu nodadewethu abalimalile nabashonile kule nhlekelele. Nokho, kunemizi yabafowethu engu-15 ecekeleke phansi ngokuphelele, kwathi engu-40 yalimala. Kulimale nendlu ehlala izithunywa zevangeli eSaipan, kanye namaHholo OMbuso aseSaipan naseTinian.
IKomiti Yokunikeza Usizo yenza izinhlelo zokunakekela izidingo zalabo abathintekile. Abamemezeli okudingeke ukuba bathuthe ezindaweni zabo ngenxa yalesi siphepho, banakekelwa abanye oFakazi. Kunelungu leKomiti Yegatsha elizovakashela abafowethu abahlala ezindaweni ezithintekile, ukuze libakhuthaze.
Sithandazela ukuba abafowethu bakwazi ukubhekana nalesi simo. Kuyasiduduza ukwazi ukuthi “uJehova useduze nabo bonke abambizayo,” nokuthi ‘ukukhalela kwabo usizo uyakuzwa.’—IHubo 145:18, 19.