AGASTI 24, 2018
EMONGOLIA
Inkululeko Engokwenkolo EMongolia: Ivuselelwe Incwadi Engokomthetho Egunyaza OFakazi BakaJehova Ukuba Benze Imisebenzi Yabo Engokwenkolo
NgoJuni 14, 2018, uMkhandlu Wedolobha wase-Ulaanbaatar eyinhloko-dolobha yaseMongolia, unikeze oFakazi BakaJehova isitifiketi esibhalisa ngokomthetho inkolo yabo eMongolia.
Izinhlangano zenkolo zaseMongolia kudingeka zivuselele amaphepha okubhaliswa ngokusemthethweni njalo ngonyaka, futhi abafowethu bebelokhu bekwenza ngempumelelo lokhu kusukela inhlangano yethu yabhaliswa okokuqala ngo-1999. Nokho, ngo-2015, uMkhandlu Wedolobha wenqaba ukuvuselela amaphepha okubhaliswa ngokusemthethweni kwenkolo yethu e-Ulaanbaatar. Kwathi ngoJanuwari 2017, uMkhandlu Wedolobha wakhipha isinqumo sokuphuca inhlangano yethu ilungelo elingokomthetho lokuqhubeka nemisebenzi engokwenkolo. Abameleli bomkhandlu banqaba ukuveza ubufakazi okwakusekelwe kubo isinqumo sabo. Abazalwane banquma ukudlulisela lolu daba enkantolo.
Ngesikhathi kuqulwa leli cala, ummeli woMkhandlu Wedolobha wazama ukusebenzisa isinqumo esakhishwa iNkantolo Ephakeme YaseRussia sokuphuca oFakazi ilungelo labo lokubhaliswa njengenkolo esemthethweni. Abameli bethu balwisana nalesi sinqumo, beveza ukuthi amazwe amaningi ayengavumelani nesinqumo seRussia, nokuthi izinkantolo zakwamanye amazwe zibheka lesi sinqumo njengesingekho emthethweni. UMkhandlu Wedolobha wakhunjuzwa nokuthi wawungenakusisebenzisa isinqumo esasikhishwe iRussia, ngoba sasenziwe ngemva kokuba uMkhandlu ususithathile esawo isinqumo.
Inkantolo yasishintsha isinqumo esasenziwe uMkhandlu Wedolobha, iphetha ngokuthi umkhandlu wawuhlulekile ukuveza ubufakazi obuzwakalayo bokuthi umsebenzi wenhlangano yoFakazi uyingozi. Inkantolo yathola nokuthi uMkhandlu Wedolobha wawephule amalungelo abafowethu, ahlanganisa nenkululeko yokwenza imisebenzi yabo engokwenkolo.
UJason Wise, ongomunye wabameli boFakazi ababekuleli cala wathi: “Nakuba kungadingekile ukuba umuntu aze abhaliswe ngokusemthethweni ukuze athole amalungelo athile nenkululeko yokuzenzela izinqumo, kodwa kuhlale kunzima ukukhonza uNkulunkulu ngokukhululekile uma inkolo yakhe ingabhalisiwe. Ukubhaliswa kwenhlangano yethu ngokusemthethweni kuyasiza ekutholeni amaBhayibheli nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini, ekubhaliseni ngokusemthethweni izindawo esikhonzela kuzo nasekuqasheni izindawo zemihlangano emikhulu. Siyajabula ngokuthi inkantolo yasichitha isinqumo soMkhandlu Wedolobha wase-Ulaanbaatar, nangokuthi yaqaphela ukuthi izinqumo ezinjengalesi soMkhandlu ziyayiphazamisa inkululeko yethu engokwenkolo eMongolia.”