Dlulela kokuphakathi

AGASTI 18, 2020
EMOZAMBIQUE

Kukhululwe ImiBhalo YamaKristu YesiGreki NgesiChangana NangesiMacua

Kukhululwe ImiBhalo YamaKristu YesiGreki NgesiChangana NangesiMacua

Ngempelasonto ka-Agasti 15 no-16, 2020, abamemezeli baseMozambique bajabulele ukukhululwa kwe-Nguqulo YeZwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngohlelo lwemishini yezobuchwepheshe ngolimi lwesiChangana nesiMacua. Kunabamemezeli abangaphezu kuka-8 000 abakhuluma ulimi lwesiChangana nabangaphezu kuka-1 700 abakhuluma isiMacua.

UMfoweth’ uDavid Amorim, oyilungu leKomiti Yegatsha YaseMozambique, ukhulule la maBhayibheli esimisweni ebesiqoshwe kusengaphambili, sabe sesidlalelwa abamemezeli. Ngaphezu kwalokho, abafowethu bathola imvume yokusakaza lesi simiso esiteshini seTV kanye naseziteshini zomsakazo ezingaphezu kuka-30.

IsiChangana sikhulunywa abantu abalinganiselwa ezigidini ezingu-1,9 abahlala ikakhulu ezifundazweni ezimbili eziseningizimu yeMozambique. Sicishe sifane kakhulu nesiTsonga, ulimi olukhulunywa abanye babantu baseNingizimu Afrika engumakhelwane.

Insimu yabantu abakhuluma isiMacua isesifundazweni esisenyakatho yeMozambique. Ulimi lwesiMacua lukhulunywa abantu abalinganiselwa ezigidini ezingu-5,8 futhi yilona olukhulunywa abantu abaningi ezilimini zomdabu zaseMozambique.

Kwaphela iminyaka eminingi, abamemezeli abakhuluma lezi zilimi bekuthola kunzima ukuba namaBhayibheli. AmaBhayibheli ayebiza kakhulu, kanti kwezinye izimo, izitolo ezidayisa amaBhayibheli zazingakuthandisisi ukuwadayisela oFakazi BakaJehova. Omunye umhumushi uyakhumbula: “Bengike ngibone amanye amabandla eneBhayibheli elilodwa nje vo elalihlala eHholo LoMbuso ukuze lisetshenziswe yizikhulumi nalabo abanezabelo emihlanganweni yaphakathi nesonto.”

Sijabula kanye nabafowethu nodadewethu abathole ImiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiChangana nangesiMacua. Siyazi ukuthi la maBhayibheli azoba usizo kakhulu ekusizeni abantu ‘bathole ulwazi olunembile lweqiniso.’—1 Thimothewu 2:3, 4.