Dlulela kokuphakathi

JUNI 24, 2022
EMOZAMBIQUE

Kukhululwe ImiBhalo YamaKristu YesiGreki NgesiLomwe

Kukhululwe ImiBhalo YamaKristu YesiGreki NgesiLomwe

NgoJuni 19, 2022, uMfoweth’ uPatrick Hecker, oyilungu leKomiti Yegatsha YaseMozambique, ukhulule INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiLomwe. IBhayibheli likhululwe ngohlelo lwezobuchwepheshe ohlelweni obeluqoshiwe. Iningi labamemezeli abasemabandleni esiLomwe libukele lolu hlelo emaHholo OMbuso, wonke ummemezeli obekhona uthole ikhophi yeBhayibheli enyathelisiwe.

AmaBhayibheli esiLomwe abelokhu etholakala kusukela ngo-1930, kodwa ayabiza futhi asebenzisa ulimi lwakudala. Enye inkinga ngawo ukuthi awanembile. Ngokwesibonelo, ezinguqulweni ezikhona, uLuka 23:43 uhunyushwe kanje: “Empeleni, ngiyakutshela namuhla, uzoba nami ezulwini.” INguqulo Yezwe Elisha isho ngokunembile ukuthi: “Ngiyakuqinisekisa namuhla, uyokuba nami ePharadesi.”

Abamemezeli baseBandleni laseMugeba baphethe amaBhayibheli abo

Ekhuluma ngaleli Bhayibheli elisha, omunye umhumushi wathi: “INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki ngesiLomwe icacile futhi kulula ukuyifunda. Angingabazi ukuthi abafowethu bazoyiqonda kalula incazelo yemibhalo, lokhu kuzobakhuthaza ukuba bakwenze abakufundayo.”

Siyaqiniseka ngokuthi le nguqulo izosiza abafowethu nodadewethu baqhubeke bezondla ngokomoya, basize nalabo ababathola enkonzweni yasensimini.—Mathewu 5:3.