Dlulela kokuphakathi

NOVEMBA 17, 2020
EMOZAMBIQUE

Kukhululwe Incwadi KaMathewu Ngolimi LwesiGitonga NesiRonga

Kukhululwe Incwadi KaMathewu Ngolimi LwesiGitonga NesiRonga

NgoNovemba 14 no-15, 2020, kwakhululwa IBhayibheli—Ivangeli NgokukaMathewu ngohlelo lwezobuchwepheshe ngesiGitonga nesiRonga, izilimi ezimbili ezikhulunywa eningizimu yeMozambique. Kubamemezeli abangu-524 abakhuluma isiGitonga kanye nabangu-1 911 abakhuluma isiRonga, ukukhululwa kwale ncwadi yeBhayibheli kuyisipho esivela kuJehova esifike ngesikhathi.

UMfoweth’ u-Amaro Teixeira, oyilungu leKomiti Yegatsha YaseMozambique, wakhulula lezi zinguqulo esimisweni esasiqoshwe kusengaphambili ukuze sibukelwe abamemezeli. Ngaphezu kwalokho, abafowethu bathola imvume yokusakaza lesi simiso esiteshini seTV sezwe kanye nakwezinye iziteshi zomsakazo ezihlukahlukene zendawo. Incwadi ka-Mathewu izotholakala nangencwajana enamakhasi angu-64, njengoba abafundi abaningi bengenayo imishini yobuchwepheshe.

UMfoweth’ uTeixeira uyachaza: “IBhayibheli nezincwadi ezifundisa ngeBhayibheli kuyindlala kakhulu ngalezi zilimi. Sijabula kakhulu ngokuba nencwadi ka-Mathewu, ngenxa yokuthi leli vangeli liqukethe uhlu lozalo lukaJesu nokuzalwa kwakhe, iNtshumayelo Yasentabeni edumile kanye nesiprofetho sakhe esijabulisayo esiphathelene nezinsuku zokugcina.”

Ephawula ngezinzuzo zale nguqulo enembile neqondakala kalula, omunye umhumushi wathi: “Incwadi kaMathewu inezimfundiso eziningi nezinhle kakhulu. Ngivele ngibacabange sebekhala izinyembezi zenjabulo abafundi lapho befunda iNtshumayelo YaseNtabeni ngolimi abaluncela.”

Ongoti bathi kunabantu abalinganiselwa ku-224 000 abakhuluma isiGitonga kanye nabalinganiselwa ku-423 000 abakhuluma isiRonga. Sithemba ukuthi lezi zinguqulo zeBhayibheli zizosiza abanye abaningi ukuba bathole “indlela eholela ekuphileni.”—Mathewu 7:14.