JUNI 18, 2020
ENDIYA
Amaqembu Abahumushi E-India Anqoba Izinselele Phakathi Nobhubhane
Ubhubhane lwe-COVID-19 luwadalele izinselele ezingajwayelekile amahhovisi abahumushi (ama-RTO) angu-11 ase-India, ahumushela izincwadi zethu ezilimini ezingu-36. Ngosizo lukaJehova, la maqembu abahumushi ayazinqoba lezi zinselele, aqhubeke nomsebenzi wawo.
Umsebenzi wokuhumusha udinga kakhulu ukubambisana nabanye. Kodwa njengoba ubhubhane lwe-COVID-19 lubhebhetheka, i-India ibeke imingcele eqinile enqabela ukuhlangana nabanye abantu, okwenza abahumushi bangakwazi ukubonana ubuso nobuso. Enye inselele ukuthi labo okufanele baqophe izinto ezilalelwayo namavidiyo abanakukwazi ukusebenzela ema-RTO.
Ema-RTO, esikhundleni sokusebenzela ehhovisi elilodwa njengokuvamile kuxhunyanwa ngevidiyo bese kuqoshwa kuxhunyenwe ngezinto zobuchwepheshe. Lezi zindlela zokwenza zenze abahumushi bakwazi ukuthola usizo kubafowethu nodadewethu abahlala kwamanye amazwe, njengaseBangladesh nase-United States.
Abafowethu bathole nezinye izindlela ezikhaliphile zokwenza amavidiyo olimi lwezandla bebe bengasondelani njengoba imingcele isho kanjalo. Abanye abahumushi sebeguqule amakamelo abo okulala aba izindawo zokuqopha benza namathuluzi okusebenza okuzenzela, besebenzisa amabhokisi ukuze babeke kuwo amakhamera namaselulafoni esikhundleni samakhamera ayinkimbinkimbi avamile.
Kanye nalezi zindlela ezisebenzisekayo, abahumushi ema-RTO bancike kuJehova ukuze abasize bahlale benombono omuhle futhi bekhiqiza phakathi nalesi sikhathi. Naku okunye abakushoyo:
UMfoweth’ uJose Francis waseKolkata wathi, “Lapho bebhekene nobunzima, abantu bangase babone sengathi kunodonga phambi kwabo, kodwa uJehova ubona indlela yokulugegela.”
UDadeweth’ uBindu Rani Chandan waseBangalore wathi, “Ukwazi ukuthi uJehova uyangisebenzisa kulesi sikhathi esinzima njengalesi kungenza ngijabule kakhulu naphezu kwezinselele.”
UDadeweth’ uRubina Patel waseVadodara waveza imizwa yakhe ngale ndlela, “Akukho lutho olungavimba uJehova nenhlangano yakhe—ngisho ne-coronavirus imbala.”
Siyaziqhenya ngabafowethu nodadewethu abasebenza ngokuzikhandla emsebenzini wokuhumusha. Siyaqiniseka ngokuthi umoya ongcwele onamandla ovela kuJehova yiwo obenza bafeze konke lokhu nokuthi wona lowo moya uzoqinisekisa ukuthi isiprofetho sikaJesu siyagcwaliseka: “Lezi zindaba ezinhle zoMbuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke ukuze kube ubufakazi ezizweni zonke.”—Mathewu 24:14.