Amanqampunqampu Nge-India
OFakazi BakaJehova bebelokhu bekhona e-India kusukela ngo-1905. Bavula ihhovisi labo ngo-1926 eBombay (esiyiMumbai manje), base bebhaliswa ngokusemthethweni ngo-1978. OFakazi bayazuza emthethweni-sisekelo wase-India oqinisekisa amalungelo abantu okukhetha inkolo, ukukhuluma obala ngezinkolelo zabo kanye nokwenza imisebenzi ehlobene nenkolo yabo. Ukuwina icala eliyingqophamlando elaliphakathi kuka-Bijoe Emmanuel ne-State of Kerala, elaliseNkantolo Ephakeme Yase-India, kwaba nesandla ekutholeni inkululeko esijatshulelwa yizo zonke izakhamuzi zase-India. Ngokuvamile oFakazi BakaJehova bakhonza uNkulunkulu ngaphandle kwesiphazamiso e-India. Nokho, kwezinye izifunda baye bahlaselwa ngamaqembu amelene nenkolo yabo, futhi bahlukunyezwa nangezinye izindlela.
Ngo-1977 iNkantolo Ephakeme yaveza umahluko okhona phakathi kokuxoxa nabanye ngezinkolelo zomuntu, nokuzama ukushintshela abanye enkolweni ethile. Yabe isikhipha isinqumo sokuthi akekho umuntu onelungelo lokuguqulela abanye enkolweni ethile, nokuthi imithetho emelene nokushintsha izinkolelo zabanye esebenza kwezinye izifunda zase-India, empeleni yayivumelana nomthetho. Labo abasuke bebanjwe ngamaphoyisa ngenxa yokuhlasela oFakazi, bavame ukucasha ngalesi sinqumo senkantolo baqambe amanga bathi bathole oFakazi bezama ukushintshisa abanye izinkolelo zabo. Kanti ezifundazweni ezingenawo lo mthetho, abaphikisi boFakazi bavame ukuphendukezela umthetho owawusebenza ngezikhathi zokucindezelwa, ngokubamangalela ngokuthi umsebenzi wabo wokushumayela uyahlambalaza. Ngenxa yalokho, kusukela ngo-2002, oFakazi BakaJehova sebehlaselwe ngodlame izikhathi ezingaphezu kuka-150. Iziphathimandla zasendaweni zinomthelela ekuhlaselweni koFakazi ngoba kuncane ezikwenzayo ukuze zibavikele, kanti kuncane nezikwenzayo ekunqandeni labo abahlasela oFakazi.
OFakazi BakaJehova bayaqhubeka behlangana neziphathimandla zikahulumeni ngale ndaba, futhi befaka nezicelo ezinkantolo ukuba zivikele amalungelo abo angokwenkolo ukuze bakwazi ukukhonza ngenkululeko. Banethemba lokuthi iziphathimandla nezakhamuzi zasendaweni zizosihlonipha isinqumo seNkantolo Ephakeme esakhishwa ecaleni lika-Bijoe esathi: “Izimfundiso zethu zigcizelela isidingo sokuhlalisana ngokuthula, izinkolelo zethu zifundisa ngesidingo sokuhlalisana ngokuthula, umthetho-sisekelo wethu uthuthukisa ukuhlalisana ngokuthula, ngakho masingawucekeli phansi.” OFakazi bathemba ukuthi imizamo yabo izokuqeda lokhu kuhlaselwa okuthuthukisa umoya wokubandlululana ngokwenkolo.