Dlulela kokuphakathi

NOVEMBA 28, 2018
ENDIYA

Isiphepho UGaja Sigadla E-India

Isiphepho UGaja Sigadla E-India

NgoNovemba 16, 2018, isiphepho esibizwa ngoGaja sicekele phansi isifunda esisetshonalanga ye-India, iTamil Nadu. Kufe abantu abangaphezu kuka-46, kanti kulinganiselwa ukuthi abangaba ngu-250,000 basale dengwane, kwathi imizi engaphezu kuka-85,000 yabhidlika yaphela.

Umuzi womunye wabafowethu oseMannargudi, eTamil Nadu, walinyazwa isihlahla esawela phezu kwawo.

Ihhovisi legatsha lase-India libika ukuthi abekho abafowethu nodadewethu abalimalile noma ababulawe yile nhlekelele. Nokho, kube nomonakalo emizini yabafowethu engu-38 nakumaHholo Ombuso amabili. Igatsha limise iKomiti Yokunikeza Usizo ukuze lenze izinhlelo zokusiza abafowethu abathintekile, okuhlanganisa ukubahambisela ukudla namanzi.

Sithandazela ukuba abafowethu nodadewethu base-India abathintekile kule nhlekelele bathole induduzo evela kuJehova ngosizo lwabazalwane abaholayo abanothando.—1 Petru 5:2.