Dlulela kokuphakathi

AGASTI 17, 2018
ENDIYA

Ukudilika Kwenhlabathi Kubulala Abaningi ENingizimu-ntshonalanga YaseNdiya

Ukudilika Kwenhlabathi Kubulala Abaningi ENingizimu-ntshonalanga YaseNdiya

Isiphepho esihambisana nezikhukhula sihlasele eKerala, eseNdiya sabangela ukudilika kwenhlabathi ezindaweni ezingaba ngu-25, kwafa abantu abangaphezu kuka-74. Ngokusho komnyango obhekelela isimo sezulu eNdiya, lesi siphepho sibangele izikhukhula ezinamandla ukwedlula noma yiziphi ezake zaba khona ngaphambili kule ndawo.

Sithole imibiko ebuhlungu evela ehhovisini legatsha laseNdiya yokuthi kushone indoda nomkayo abangoFakazi abaneminyaka engaphezu kuka-60 nomuntu oyedwa obefunda iBhayibheli noFakazi, ngenxa yokudilika kwenhlabathi. Kunabanye ababili abafunda iBhayibheli noFakazi abalimele kabi, kodwa bayalulama esibhedlela njengamanje. Kanti kuminze umzalwane oneminyaka engu-17 ngesikhathi ezama ukusiza umakhelwane wakhe.

Kumiswe iKomiti Yokunikeza Usizo kule ndawo, ukuze ihlole umonakalo bese ihlela izindlela zokunikeza usizo. Kuhlelwe ukuba amanye amaHholo OMbuso asetshenziswe njengezindawo zokunikeza usizo. Imibiko esatholakele ibonisa ukuthi kunemizi yabafowethu engaphezu kwengu-45 eye yalimala noma yacekeleka phansi ngokuphelele. Kunemindeni engaba ngu-85 (okungabamemezeli abangu-475) okudingeke ukuba isuke ezindaweni zayo ihlale nabanye abazalwane noma izihlobo. Kubikwa nokuthi amanye amaHholo OMbuso aye angenwa amanzi. IKomiti Yokunikeza Usizo isaqaphile njengoba kubikezelwe ukuthi kulindelwe ezinye izimvula ezinamandla ezinsukwini ezizayo.

Abameleli behhovisi legatsha, umbonisi wesigodi wendawo kanye nabadala bamabandla, bavakashele abafowethu nodadewethu ukuze babakhuthaze futhi babaduduze ngemiBhalo.

Sithandazela bonke abathintekile kule nhlekelele ebangelwe isiphepho. Silangazelela isikhathi sokuqedwa kwazo zonke izinhlekelele zemvelo nobuhlungu obubangelwa yizo.—IsAmbulo 21:3, 4.