NOVEMBA 13, 2020
ENIGERIA
Izikhukhula Eziyingozi ENigeria
Izimvula ezinamandla ezaba ngenyanga kaSepthemba no-Okthoba 2020 zabangela izikhukhula ezifundazweni eziningana zaseNigeria. Lezi zikhukhula zabangela umonakalo omkhulu emapulazini nasezakhiweni. Ngokudabukisayo omunye wabafowethu washona ngenxa yale nhlekelele. Ngaphezu kwalokho, abamemezeli abangaphezu kuka-1 828 balahlekelwa izindawo zokuhlala kanti imizi yabafowethu engaba ngu-62 yalimala.
Igatsha laseNigeria limise amaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni ayisikhombisa ukuze ahlele umsebenzi wokunikeza usizo, ngokuvumelana neziqondiso zokuphepha ze-COVID-19. Ababonisi bezigodi nabadala bendawo basebenza ngokubambisana ukuze basize abafowethu nodadewethu abathintekile ngezinto abazidingayo nangenduduzo evela eBhayibhelini.
Siyadabuka ngalabo abalahlekelwe ukuphila kule nhlekelele. Siyazi ukuthi uJehova, uNkulunkulu wensindiso yethu, uzoqhubeka ebaduduza futhi ebasiza abafowethu phakathi nalesi sikhathi esinzima.—IHubo 68:19.