Dlulela kokuphakathi

OKTHOBA 23, 2018
ENIGERIA

Izimvula Ezinamandla Zibangela Izikhukhula ENigeria

Izimvula Ezinamandla Zibangela Izikhukhula ENigeria

ENigeria kube nezimvula ezinamandla ezibangele izikhukhula endaweni eseningizimu nasenkabeni yaleli zwe. Imifula emikhulu kunayo yonke kuleli zwe, iBenue neNiger, igcwale yaze yachitheka okubulale abantu abangaphezu kuka-100 kwashiya izinkulungwane zingenamakhaya.

Kubikwe ukuthi abekho abafowethu abalimele noma abashonile. Kodwa abamemezeli abangaphezu kuka-2 000 balahlekelwe amakhaya, kanti abangaphezu kuka-1 000 kubo basadinga usizo. Iningi lalabo okudingeke bashiye amakhaya abo selihlala nabanye oFakazi abasezindaweni eziphephile.

Kuye kwamiswa iKomiti Yokunikeza Usizo ukuze ihlele ukunakekelwa kwezidingo zabafowethu nokubakhuthaza. Amalungu amabili eKomiti Yegatsha laseNigeria, umbonisi wesigodi, nabazalwane abasebenza eMnyangweni Wenkonzo naseMnyangweni weLocal Design/Construction bavakashele abamemezeli abasezindaweni ezithintekile ukuze babakhuthaze.

Naphezu kwezinkinga ezibangelwe yile nhlekelele, uBaba wethu osezulwini, uJehova, uyaqhubeka ‘eyinqaba yabo ngesikhathi sokucindezeleka.’—IHubo 37:39.