Dlulela kokuphakathi

Osemusha oze emhlanganweni eMonumental Stadium uyavalelisa ngosuku lokugcina lomhlangano.

JANUARY 29, 2019
EPERU

IPeru Isingatha Umhlangano Wezizwe Okhethekile Wokugcina Ka-2018

IPeru Isingatha Umhlangano Wezizwe Okhethekile Wokugcina Ka-2018

OFakazi BakaJehova ePeru bamukela izihambeli zomhlangano ezingu-3 400 ezivela emazweni angu-32 eMhlanganweni Okhethekile Ka-2018 othi “Yiba Nesibindi”!, owaba ngo-Novemba 23 kuya ku-25. Isimiso somhlangano sasiseMonumental Stadium enhlokodolobha, eLima. Ingqikithi yababekhona kule nkundla kanye nakwezinye izindawo ezine ezazixhunyiwe yaba ngu-66 254. Ngaphezu kwalokho, kwabhapathizwa abafowethu nodadewethu abasha abangu-719. Isimiso sethulwa ngolimi lwesiNgisi, uLimi Lwezandla LwasePeru, isiQuechua Ayacucho kanye neSpanishi.

Bangaphezu kuka-66 000 ababekhona kulo mhlangano futhi kunamavolontiya angaphezu kuka-6 200 ayesiza kuwo.

Into ebijabulisa kakhulu kulesi senzakalo ithuba izihambeli nabamemezeli bendawo ababa nalo lokusebenza ndawonye enkonzweni yasensimini. Izihambeli zomhlangano zathokozela nokudla kwendawo, amasiko endawo futhi zabuka isakhiwo zegatsha lasePeru.

U-Ezequiel Porras, ummeleli wehhovisi legatsha lasePeru, wathi: “Libe likhulu kakhulu igalelo lalo mhlangano okhethekile ePeru. Awugcinanga nje ngokuba yinto abayoyikhumbula isikhathi eside abafowethu nodadewethu kodwa futhi unikeze ubufakazi obuhle kakhulu emphakathini. Siyambonga uJehova ngaleli thuba elikhethekile lokukhazimulisa igama lakhe elikhulu.—1 Petru 2:12.

 

Kwenziwa amachibi okubhapathiza ambalwa eMonumental Stadium, lapho kwabhapathizwa khona abangu-483. Kwabhapathizwa abangu-236 abengeziwe ezindaweni azazixhunywe ngocingo.

Izihambeli ezibuya kwamanye amazwe sishumayela noFakazi bendawo enkonzweni yasensimini.

Umfoweth’ uSamuel Herd, oyilungu leNdikimba Ebusayo, waniyekeza inkulumo yokuphetha yosuku ngalunye.

Izivakashi zamukelwa ngothando lapho zifika esikhumulweni sezindiza i-Jorge Chávez International Airport eLima.

Ukubukwa kwegatsha bekuhlanganisa nendowo nombukiso ochaza indlela elalondolozwa ngayo igama likaNkulunkulu emiBhalweni.

Abafowethu babonisa indlela yokwenza ukudla komdabu okunhlobonhlobo kwasePeru lapho iqembu livakashele iHholo Lomhlangano. Lapha, kulungiswa ukudla kwasolwandle bese kuphakelwa izihambeli.

Kuboniswa indlela yomdabu yokugoqa uhala. Uhala uvame ukufakwa imibala kusetshenziswa odayi bemvelo abathathwe ezitshalweni.

Izihambeli ebezizobuka igatsha zathokozela ukuhlangana ntambama zilalele umculo onesihloko esingokomoya esithi “Reaching Out.” Kwakunandiswa ngomculo womdabu, izinsimbi zomculo kanye nomdanso wasezifundeni ezintathu eziyinhloko ePeru: ugwadule olugudle ugu, iziNtaba zase-Andes kanye namahlathi emvula asePeru.

Kwenziwa umdanso womdabu waseTrujillo phakathi nomdlalo wakusihlwa wokujabulisa izihambeli.

Kulesi senzakalo somculo sakusihlwa kwaboniswa izimo ezihlukahlukene zokushumayela. Lolu hlobo lwezindlu ezinophatha oluyisicaba nezingubo zokugqoka okuboniswe lapha kuyinto abaziwa ngayo abantu abangamaQuechua abahlala emaphandleni asezintabeni eCuczo.

Iqembu labebenandisa liyavalelisa ekupheleni komdlalo wokunandisa wakusihlwa.