Dlulela kokuphakathi

Abameleli ababili benxusa laseThailand (phakathi kwesokudla), bami namalungu ehhovisi legatsha lasePeru namalungu ebandla lendawo.

OKTHOBA 9, 2018
EPERU

Ihhovisi Lenxusa LaseThailand ‘Lincoma Liphinde Libonge’ OFakazi BakaJehova BasePeru Ngokusiza Izakhamuzi ZaseThailand Eziboshwe EPeru

Ihhovisi Lenxusa LaseThailand ‘Lincoma Liphinde Libonge’ OFakazi BakaJehova BasePeru Ngokusiza Izakhamuzi ZaseThailand Eziboshwe EPeru

NgoJuni 26, 2018 abameleli benxusa laseThailand elisePeru bavakashele ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eliseLima, eyinhloko-dolobha yasePeru. Isizathu? Bebefuna ukubonga abafowethu bakule ndawo ngokusiza izakhamuzi zaseThailand eziboshwe ejele lasePeru.

OFakazi BakaJehova basePeru bebelokhu bevakashela amajele kusukela ngo-2007, ukuze bafundise iziboshwa iBhayibheli. Kodwa ngo-2013, abafowethu baqala ukuvakashela nejele elineziboshwa ezivela eThailand. Lapho inxusa laseThailand lizwa ngalo msebenzi owenziwa abafowethu lathinteka kakhulu, labe selixhumana nehhovisi legatsha lahlela ukuvakasha.

Abafowethu nodadewethu sebeyagoduka ngemva kokushumayela ejele.

Phakathi kwalabo abavela ehhovisini lenxusa bekukhona uMnu. Angkura Kulvanij, uMnu. Pathompong Singthong, noNksz. Pradthana Pongudom. Amalungu eKomiti Yegatsha abonise la manxusa isakhiwo segatsha, awachazela ngemisebenzi eyenziwa kula mahhovisi okuhlanganisa nomsebenzi wokuhumusha owenziwa ngezilimi zomdabu ezingu-9.

RAmanxusa aseThailand abukela umzalwane ehumusha ngoLimi Lwezandla LwasePeru.

Ihhovisi lenxusa libhalele ihhovisi legatsha incwadi “lincoma futhi libonga” abafowethu ngokusebenza ngokuzimisela ekunakekeleni “abantu abanganakiwe nabaphila ngaphansi kwezimo ezingathandeki ePeru, nakuba benezizinda namasiko angafani.” Inxusa liqhubeke lancoma “umsebenzi wokuzikhandla owenziwa izisebenzi zeNhlangano YoFakazi BakaJehova basePeru, osiza ekunciphiseni izinkinga zeziboshwa zaseThailand nasekuthuthukiseni ukuphila kwazo.”

Lokhu kubonisa imiphumela emihle eba khona lapho sisebenza ngokuzimisela ekushumayeleni umyalezo weBhayibheli kubantu bazo zonke izinhlobo.—1 Korinte 9:22.