Dlulela kokuphakathi

Kwesobunxele: IHholo LoMbuso elicekelwe phansi yisiphepho. Kwesokudla: Ibalazwe elibonisa indawo ehlaselwe yisiphepho

MEYI 28, 2020
EPHILIPPINES

Inkathi Yeziphepho EPhilippines Iqale Ngesiphepho Esicekela Phansi UVongfong

Inkathi Yeziphepho EPhilippines Iqale Ngesiphepho Esicekela Phansi UVongfong

ISiphepho uVongfong (esaziwa ngokuthi yi-Ambo kubantu bendawo) sabangela ukudilika komhlabathi esiqhingini saseSamar ngo-Meyi 14, 2020. Lesi siphepho esiseSigabeni 3, esingesokuqala kwezika-2020 eNtshonalanga yoLwandle iPacific, sacekela phansi iSamar ngomoya ogijima ngesivinini samakhilomitha angu-185 ngehora. Amakhulu ezinkulungwane zabantu kwadingeka abaleke emakhaya awo ngaphambi kokuba siqale, okuyinto eyaba nzima kakhulu ngenxa yemingcele ebekwe uhulumeni yokuba abantu bangasondelani ngenxa yegciwane le-coronavirus.

Nakuba engekho kubafowethu nodadewethu owalimala, abangu-59 kwadingeka babaleke emakhaya. Bahlaliswa ezikoleni ezazisetshenziswa njengendawo yokukhosela noma emakhaya abanye oFakazi. Ngaphezu kwalokho, imizi engu-82 yabafowethu yacekeleka phansi noma yalimala. Kwalimala namaHholo oMbuso amahlanu, kanti elilodwa labhidlika ngokuphelele. IKomiti Yegatsha YasePhilippines imise amaKomiti Okunikeza Usizo Ezinhlekeleleni amabili ukuze kunakekelwe izidingo ezingokoqobo nezingokomoya zabafowethu nodadewethu abathintekile.

Sizoqhubeka sibathandazela abafowethu basePhilippines abakhuthazelela izinhlekelele ezimbili, okuyilesi siphepho kanye nobhubhane. Siqiniseka ngokugcwele ukuthi uJehova, ‘iDwala lethu laphakade,’ uzoqhubeka ezinakekela izidingo zabo.—Isaya 26:4.