NOVEMBA 12, 2020
EPHILIPPINES
Iziphepho Ezimbili Ezinamandla Zicekele Phansi Izingxenye Ezithile ZePhilippines
Indawo
INingizimu yeLuzon naseziqhingini ezakhelene nayo
Inhlekelele
Ngo-Okthoba 25, 2020, iSiphepho uMolave, esaziwa ngokuthi yiQuinta ePhilippines, sahlasela isifundazwe sase-Albay eBicol eLuzon, ePhilippines. Lesi siphepho esinamandla sabe sesidlulela esiqhingini saseLuzon
NgoNovemba 1, 2020, iSiphepho Esinamandla uGoni, esaziwa nangokuthi uRolly ePhilippines, sahlasela eCatanduanes, okungesinye seziqhingi eziseBicol endaweni yaseLuzon. Lesi siphepho esiseSigabeni 5 sadlulela phambili sacekela phansi ezinye izifundazwe, ezinye zazo ezase zicekelwe phansi iSiphepho uMolave
Lezi ziphepho ezimbili zaletha imvula enkulu nemimoya enamandla okwabangela izikhukhula ezinkulu, ukunqamuka kukagesi ezindaweni eziningi nokuntuleka kwamanzi. Kusenzima kakhulu namanje ukuxhumana nabantu abahlala ezindaweni ezathinteka
Imvula enamandla yabangela nokugeleza kodaka olushisayo lwentaba-mlilo olusuka eNtabeni iMayon olwagqiba imizi eminingi eyakhelene nale ntaba
Indlela abafowethu nodadewethu abathinteke ngayo
Abamemezeli ababalelwa emakhulwini balahlekelwa izindawo zokuhlala noma kwadingeka bathuthe babalekele endaweni ephephile
Udadewethu oneminyaka engu-89 wathola imihuzuko ngesikhathi ephuma ekhaya eya endaweni yokukhosela, umuzi wakhe wacekeleka phansi ngokuphelele
Ukulimala kwempahla
Imizi engu-134 namaHholo OMbuso angu-28 kwalimala kancane
Imizi engu-75 namaHholo OMbuso angu-18 kwalimala kakhulu
Imizi engu-101 neHholo LoMbuso elilodwa kwacekeleka phansi ngokuphelele
Imizamo yokunikeza usizo
Ababonisi bezigodi nabadala bamabandla endawo basebenzisana namaKomiti Okusiza Ezinhlekeleleni ayisithupha ukuze kuqinisekwe ukuthi abafowethu banokudla okwanele, amanzi, indawo yokuhlala nolunye usizo oludingekayo. Abafowethu bayigcina ngokuzimisela imithetho yezokuphepha ye-COVID-19 njengoba benikeza usizo nenduduzo
Sizoqhubeka nokubathandazela abafowethu abakhahlanyezwe yilezi zinhlekelele zemvelo. Phakathi nalesi sikhathi esinzima, siyazi ukuthi uJehova uzoqhubeka ‘enguYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke’ kubafowethu nodadewethu.—2 Korinte 1:3.