Dlulela kokuphakathi

NOVEMBER 14, 2013
EPHILIPPINES

Kugadla ISiphepho Esinamandla UHaiyan EPhilippines Ephakathi

Kugadla ISiphepho Esinamandla UHaiyan EPhilippines Ephakathi

EMANILA, ePhilippines—ISiphepho Esinamandla UHaiyan (esibizwa ngokuthi uYolanda ePhilippines), okungesinye seziphepho ezinamandla kunazo zonke, sihlabe sahlikiza ePhilippines ngo-November 8, 2013.

Ngo-November 13, 2013, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova ePhilippines eManila labika ukuthi kufe oFakazi abangu-27. Izindlu zoFakazi ezingaphezu kweziyikhulu nezindawo zabo zokukhulekela ezinhlanu zakhukhuleka.

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova endlunkulu yabo yomhlaba wonke eBrooklyn, eNew York, ihlela ukuba kunikezwe usizo. Ihhovisi legatsha lasePhilippines lenze namanye amalungiselelo okuba kuthunyelwe ukudla, amanzi, imithi yokwelapha nezinye izinto ezidingekayo ezindaweni ezithintekile. NgeSonto, ngo-November 10, kwagcwaliswa amaveni ayishumi ngezinto eziyisidingo futhi zathunyelwa, ngosuku olulandelayo kwathunyelwa amanye amaloli.

Lesi siphepho sigadle esikhathini esingeside ngemva kokuzamazama komhlaba kwesilinganiso esingu-7,2 okugadle ePhilippines ngo-October 15, 2013, okubulale abantu abangu-218. Imibiko ibonisa ukuthi kufe oFakazi BakaJehova abathathu kulokho kuzamazama komhlaba, oyedwa ubulawe ukuwa kwamadwala ezintabeni kanti ababili bafa lapho kubhidlika izindlu zabo. Lokhu kuzamazama kona kufike ngemva nje kweSiphepho uNari, esasigadle ePhilippines ngo-October 12, 2013, sabulala abangu-13.

INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova inakekela izindleko zosizo olunikezwayo ngezimali ezinikelelwa umsebenzi wabo womhlaba wonke. INdikimba Ebusayo ibheka nesidingo sezisebenzi zokuzithandela ezinamakhono, futhi ixhumana namahhovisi amagatsha emhlabeni wonke ukuze kuthunyelwe labo abangasebenzelana neziphathimandla nezinye izinhlangano ekunikezeni usizo.

UDean Jacek, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova ePhilippines, uthi: “Sonke sidabukile ngokulahlekelwa abantu esibathandayo kulezi zinhlekelele ezisanda kusehlela. Kunesidingo esikhulu sokunikeza induduzo ngenxa yomonakalo odalekile nangenxa yosizi lwezihlobo zabashonelwe. Sizolokhu senza konke esingakwenza ukuze sinikeze abangane bethu nezihlobo usizo ngokuqhubekayo nenduduzo evela eBhayibhelini.”

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Philippines: Dean Jacek, tel. +63 2 411 6090