Dlulela kokuphakathi

JANUARY 14, 2013
EPHILIPPINES

ISiphepho UBopha Sidale Umonakalo Omkhulu EPhilippines

ISiphepho UBopha Sidale Umonakalo Omkhulu EPhilippines

EMANILA, ePhilippines—Kushone abantu abangaphezu kwenkulungwane kwathi abangaphezu kuka-970 000 balahlekelwa izindawo zokuhlala ngemva kwesiphepho esinamandla esidale umonakalo kulo lonke elasePhilippines ngoLwesibili, December 4, 2012. Ngemva kwenyanga lokhu kwenzekile, oFakazi BakaJehova basaqhubeka nokusiza labo abathintwe yiSiphepho uBopha (esaziwa ngokuthi uPablo kulelo zwe).

Ngokudabukisayo, ngomhla ka-7 January, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eManila laqinisekisa ukuthi bahlanu oFakazi ababulewe yilesi siphepho. Omunye wathunyelwa esibhedlela ngemva kokulimala kakhulu umgogodla. Ngaphezu kwalokho, imindeni yoFakazi engaba ngu-520 yalahlekelwa izindawo zokuhlala njengoba izindlu ezingu-140 zazibhidlikile futhi ezingu-400 zilimale kakhulu.

Abameleli behhovisi legatsha bahamba bayobona izindawo ezazishaywe isiphepho ukuze bahlole umonakalo, benze amalungiselelo okusiza futhi baduduze abasindile, babanike nosizo olungokomoya. OFakazi bamisa ikomiti yokusiza ezinhlekeleleni ukuze ihlele izikhungo eziyisikhombisa ezinika usizo futhi zisize izisebenzi zokuzithandela ezinika abantu izinto eziyisidingo.

Kwezinye izingxenye zezwe, lesi siphepho sabhubhisa izindawo okutholakala kuzo ukudla nezindawo zemisebenzi, kuhlanganise namasimu elayisi, kabhanana nezihlahla zikakhukhunathi. Lapho izwa lokho, ikomiti yokusiza ezinhlekeleleni yoFakazi yathumela amaloli athwele ukudla okungaba amakhilogremu angu-12 972. Nokho iloli alikwazanga ukufika kwenye indawo ethintwe isiphepho ngoba ibhuloho laliwile.

ISiphepho uBopha salimaza nezindawo zokukhulekela ezingu-15 ezibizwa ngokuthi amaHholo OMbuso, sacekela phansi ezimbili. Nokho, abanye abantu abalahlekelwa izindawo zokuhlala bakhosela emaHholo OMbuso ayengazange alimale. Ikomiti esiza ezinhlekeleleni izama ukutholela la bantu izindlu ezifanelekayo abangahlala kuzo.

Yonke le mizamo yokusiza isekelwa ngeminikelo evela koFakazi BakaJehova kulelo zwe kanye nakoFakazi abakwamanye amazwe. INdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova ikhokhela izindleko ezinjalo ngokusebenzisa iminikelo yomsebenzi womhlaba wonke woFakazi.

UDean Jacek, okhulumela oFakazi BakaJehova ePhilippines, uthi: “Sonke siyalila ngenxa yokulahlekelwa abangane bethu nesikhonza kanye nabo futhi sidabukile ngenxa yomonakalo obangelwe yilesi siphepho. Kodwa sizoqhubeka senza konke okusemandleni ethu ukuze sisize abathintekile futhi sinikeze omakhelwane bethu usizo olungokomoya kanye nenduduzo.”

Media Contacts:

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Philippines: Dean Jacek, tel. +63 2 411 6090