Dlulela kokuphakathi

JANUARY 21, 2015
EPHILIPPINES

Izisulu Ziyazinza Emakhaya Amasha Ngemva Konyaka Kugadle ISiphepho UHaiyan

Izisulu Ziyazinza Emakhaya Amasha Ngemva Konyaka Kugadle ISiphepho UHaiyan

EMANILA, ePhilippines—oFakazi BakaJehova baqala umsebenzi omkhulu wokwakha ngemva kweSiphepho Esikhulu uHaiyan ukuze balungise noma bakhe kabusha amakhaya acela ku-750 ngesikhathi esingaphansi konyaka.

Ngokwesilinganiso, iqembu lezisebenzi zokuzithandela ezinhlanu lalingakha kabusha indlu ngezinsuku ezinhlanu.

UDean Jacek, umkhulumeli woFakazi BakaJehova ePhilippines, uyachaza: “Sazibekela umgomo wokuphothula lo msebenzi ngo-September 2014. Umsebenzi wokwakha waqala ngasekuqaleni konyaka okwathi, ngosizo lwezisebenzi zokuzithandela eziningi, waphothulwa ngaphambi kokuphela kuka-August.”

Izisebenzi zokuzithandela zendawo nezakwamanye amazwe zasiza emsebenzini wokwakha kabusha.

INdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova yakhipha iminikelo eyayithunyelwe abakhulekeli abakanye nayo emhlabeni wonke, ababesekela ngayo lo msebenzi. Ihhovisi legatsha loFakazi eManila lasungula ikomiti yosizo ukuze lihlele umsebenzi wokwakha kabusha ezindaweni ezithintekile. Lo msebenzi wahlanganisa ukulungisa noma ukwakha kabusha amakhaya angu-167 eDolobheni LaseTacloban, angu-256 eDolobheni Lase-Ormoc, angu-101 eDolobheni LaseCebu nangu-218 eDolobheni LaseRoxas. Abantu abenza lo msebenzi kwakuyizisebenzi zokuzithandela ezingoFakazi ezingu-522 zasePhilippines nezingu-90 ezazivela kwamanye amazwe.

Ummeleli we-First District of Leyte, uFerdinand Martin G. Romualdez.

UMnu. Ferdinand Martin G. Romualdez, ongummeleli we-First District of Leyte, waphawula: “OFakazi BakaJehova babengelinye lamaqembu okuqala emaqenjini angewona akahulumeni, elenza umsebenzi wokwakha kabusha izindlu.  . . Siswele imilomo eyinkulungwane yokuchaza indlela umndeni wami nabantu bakithi esibonga ngayo.”

Abezindaba:

Emhlabeni jikelele: uJ. R. Brown, Ihhovisi Lokwaziswa, ucingo +1 718 560 5000

AbasePhilippines: uDean Jacek, ucingo +63 2 411 6090