Dlulela kokuphakathi

JULAYI 20, 2020
EROMANIA

Umsebenzi Wokunikeza Usizo ERomania Usize Abafowethu, Wanconywa NayiMeya

Umsebenzi Wokunikeza Usizo ERomania Usize Abafowethu, Wanconywa NayiMeya

NgoJuni 2020, umphakathi waseRodna eTransylvania, eRomania, wahlaselwa yimvula enkulu, ngemva kwalokho kwaba nezikhukhula. Ngenxa yalokho, imizi eyisithupha yabafowethu yalimala. NgoJuni 27, 2020, umbonisi wesigodi waseRodna, ebambisene nabadala bamabandla endawo, bahlela ukuba abafowethu nodadewethu abangu-25 basemabandleni angomakhelwane banikeze usizo oluphuthumayo. a Umsebenzi wabafowethu wokunikeza usizo waqashelwa yimeya yaseRodna, yase ibancoma abafowethu kwabemithombo yezindaba endaweni.

Idolobhana laseRodna lisesigodini esinemifula eminingi. Izikhukhula zeza nenqwaba kadoti, okwenza kwangaba lula neze ukungena kuleli dolobha njengoba imigwaqo yayivinjwe yilo doti. Ikhaya lomunye udadewethu lalisendaweni lapho imeya yaseRodna nethimba layo babedonsa kanzima khona bezama ukususa udaka nodoti olethwe yizikhukhula. Lapho abafowethu befika, basiza ekususeni lolu daka nodoti ukuze bakwazi ukuhlanza umuzi kadade. Ngenxa yalokho, umsebenzi wabo wasiza nemizamo yalesi siphathimandla.

Kamuva, imeya yabancoma kakhulu abafowethu lapho ikhuluma esiteshini sethelevishini sendawo. Yathi: “Ngifisa ukuphawula ngesibonelo esihle sabantu abenze into engithinte inhliziyo. . . . Ngosuku lokuqala, sasebenzisa iloli elikhulu lokuthutha kanye nogandaganda sizama ukususa udoti, kodwa asikwazanga ukuqeda—umonakalo ubumkhulu kakhulu. Ngosuku olulandelayo, sisizwe. . . abantu abangaphezu kuka-30, amavolontiya angoFakazi BakaJehova. Ekupheleni kosuku, umsebenzi ubusuphelile.” Waphetha ngala mazwi: “Laba bantu babe usizo ekubuyiseleni izinto esimweni sazo kuleya ndawo. Ngibabonga bonke!”

Le meya yabhala nomyalezo kuwebusayithi ibhalela abafowethu. Yathi: “Kwangathi uJehova ezulwini anganibusisa nonke nikhule zine nikhokhobe, nibe nempilo enhle futhi nifeze okuningi nasesikhathini esizayo!”

Lesi sigameko saseRomania singesinye sezibonelo zendlela ukuziphatha kwethu okuhle okumkhazimulisa ngayo uBaba wethu osezulwini, uJehova.—1 Petru 2:12.

a Nakuba imisebenzi eminingi yokwakha imisiwe okwamanje ngenxa yobhubhane, le mizi yayidinga ukunakwa ngokuphuthumayo.