SEPTHEMBA 3, 2020
ERUSSIA
Abafowethu Ababili Nodadewethu Ababili Baboshiwe Ngenxa Yokholo Lwabo
Isinqumo
NgoSepthemba 3, 2020, iNkantolo Yedolobha LaseNovozybkov eSifundazweni saseBryansk igwebe uMfoweth’ uVladimir Khokhlov, oDadewethu uTatyana Shamsheva no-Olga Silaeva, kanye noMfoweth’ u-Eduard Zhinzhikov. Izigwebo zabo zisukela onyakeni owodwa kuya onyakeni nezinyanga ezintathu. Nokho, ngenxa yokuthi bese bezidonsile lezi zigwebo ngaphambi kokuthethwa kwamacala abo, bakhululiwe.
Umlando
UVladimir Khokhlov
Wazalwa: 1977 (eNovozybkov, eSifundazweni saseBryansk)
Umlando omfushane: Umsebenzi wakhe ungumakhenikha. Wake waba yisosha ngaphambi kokuba abe ngomunye woFakazi BakaJehova. Uthanda ibhola, ukufunda, ukudoba nokudlala isiginci
Umngane wakhe wamkhuthaza ukuba afunde iBhayibheli. Washada no-Olga ngo-2007. Banendodakazi, u-Anastasia. Umndeni wonke ukhonza uJehova ndawonye
UTatyana Shamsheva
Wazalwa: 1977 (eCherepovets, eSifundazweni saseVologda)
Umlando omfushane: Uchwepheshe wezomnotho. Uchithe iminyaka eminingi efundisa ezomnotho (economics), ezomthetho kanye ne-accounting. Wabhapathizwa ngo-1995. Uthanda ukusiza abanye bathole iseluleko esihlakaniphile esiseBhayibhelini
U-Olga Silaeva
Wazalwa: 1988 (eDavydovo, eSifundazweni saseMoscow)
Umlando omfushane: Unguthunjana ezinganeni ezintathu. Waphothula esikoleni esiqeqeshela amakhono, wathola iziqu ze-degree ku-thermal engineering. Uyakuthanda ukuthunga. Uthanda ukufunda nokudlala i-volleyball. Wafunda ukulithanda iBhayibheli, elandela isibonelo sikamama wakhe
U-Eduard Zhinzhikov
Wazalwa: 1971 (eNovozybkov, eSifundazweni saseBryansk)
Umlando omfushane: Uke wenza umsebenzi wokushisela kanye nowokuhlanza, kanti wake wasebenza nasemaphoyiseni. Wayeyilungu leqembu lomculo. Washada noTatyana, ababenaye eqenjini lomculo, ngo-1993. Uthanda ukubhala izinkondlo nokudlala isiginci
Ngasekupheleni kwawo-1990, waqala ukufunda iBhayibheli wathola izimpendulo eziningi zemibuzo ayenayo. Lezo zimpendulo zamenza wayeka imikhuba emibi ayeyenza wathuthukisa nokuphila komndeni wakhe. Wakuthanda lokho uTatyana. Ngenxa yalokho naye wathatha izinyathelo waba uFakazi
Umlando Wecala
NgoJuni 11, 2019, iziphathimandla zathelekela imizi engu-22 yoFakazi eSifundazweni saseBryansk eRussia. ODadewethu uTatyana Shamsheva no-Olga Silaeva baboshwa. Ngamunye wavalelwa izinsuku ezingu-245 esitokisini ngaphambi kokuqulwa kwecala. Bakhululwa ngoMeyi 2020 base bebuyela emakhaya sebelinde ukuthethwa kwecala.
Ngo-Okthoba 16, 2019, iziphathimandla zababeka icala abafowethu uVladimir Khokhlov no-Eduard Zhinzhikov. Kamuva amacala abo ahlanganiswa namacala kaDadewethu uShamsheva noSilaeva. Ngemva kwezinsuku eziyisikhombisa, abafowethu babizwa base bevalelwa esitokisini ngaphambi kokuqulwa kwecala, lapho besekhona namanje.
Odadewethu kwaxoxwa nabo Embikweni Wamuva WeNdikimba Ebusayo Ka-2020 #5. UDadeweth’ uSilaeva wathi izinyanga ezingu-8 azichithe evalelwe zimenze waqiniseka nakakhulu ngokuthi “noma ngabe bukhulu kangakanani ubunzima esibhekene nabo, uJehova uhlale esinika umoya ongcwele owanele ukuze sibhekane nanoma yiluphi ivivinyo.” UDadeweth’ uShamsheva washo ngokuqiniseka wathi: “UJehova uhlale eseduze nathi, futhi uhlale esisekela, esiqinisa, esisiza.”
Siyaqiniseka ukuthi uJehova uzoqhubeka ebasiza bonke abafowethu nodadewethu baseRussia ababhekene namacala angaholela ekuvalelweni ejele noma labo asebesejele kakade ukuze bakhuthazelele lolu vivinyo lwamanje ngenjabulo nangokuthula.—1 Korinte 10:13.