Dlulela kokuphakathi

Kusukela phezulu kwesobunxele kuya kwesokudla: UMfoweth’ u-Andrey Tabakov, uMfoweth’ uMikhail Zelenskiy, uMfowethu noDadewethu uMysin, uMfoweth’ u-Aleksandr Ganin noMfoweth’ uKhoren Khachikyan

OKTHOBA 2, 2020
ERUSSIA

Abafowethu Abane Nabashadikazi Bangase Bagwetshwe Iminyaka Efinyelela Kweyisikhombisa ERussia

Abafowethu Abane Nabashadikazi Bangase Bagwetshwe Iminyaka Efinyelela Kweyisikhombisa ERussia

Usuku Lokukhishwa Kwesinqumo

Ngo-Okthoba 5, 2020, * iNkantolo Yesifunda YaseZasviyazhsky yaseDolobheni lase-Ulyanovsk izokhipha isinqumo ecaleni likaMfoweth’ u-Aleksandr Ganin, uKhoren Khachikyan, u-Andrey Tabakov noMikhail Zelenskiy, kanye noMfowethu’ uSergey Mysin nomkakhe uNataliya. Bonke bangase baboshwe iminyaka esukela kwemithathu kuya kweyisikhombisa, kuye ngecala lomuntu. Umshushisi ucele nokuba inkantolo ibaphuce imali nezimoto zabo—okulinganiselwa kuma-ruble ayizigidi ezingu-1,57 ($20,000 U.S.).

Umlando

U-Aleksandr Ganin

  • Wazalwa: Ngo-1957 (E-Ekhabi, eSiqhingini saseSakhalin)

  • Umlando omfushane: Useneminyaka engaphezu kwengu-20 ebhapathiziwe waba omunye woFakazi BakaJehova. Manje usethathe umhlalaphansi futhi uyakujabulela ukusebenza engadini

UKhoren Khachikyan

  • Wazalwa: Ngo-1985 (EYerevan, e-Armenia)

  • Umlando omfushane: Uneziqu kwezomnotho. Esemusha wayedlala umdlalo wokuzwana amandla. Waziwa njengendoda emnene nenomusa

  • Waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova ngenxa yokuthi wayefuna ukwazi uNkulunkulu kangcono nokuphila ngemithetho yakhe. Kuyamjabulisa ukuba nengqondo kweBhayibheli nokuvumelana kwalo

USergey Mysin

  • Wazalwa: Ngo-1965 (EKulebaki, eSifundeni saseNizhny Novgorod)

  • Umlando omfushane: Ngesikhathi efundela ukuba unjiniyela, wahlangana nomkakhe uNataliya. Bashada ngo-1991. Bebelokhu bekhonza uJehova ndawonye iminyaka engaphezu kwengu-20 futhi banezingane ezimbili esezikhulile. Bayazithanda ezemidlalo, ikakhulukazi umdlalo we-lacrosse

UNataliya Mysina

  • Wazalwa: Ngo-1971 (ELeningrad, manje esiyaziwa ngokuthi iSaint Petersburg)

  • Umlando omfushane: Wazalelwa emndenini wamasosha. Wayehlala eJalimane ngaphambi kokuthola iziqu zasekolishi zokuba usokhemisi. Uyakuthanda ukubhaka nokupheka

U-Andrey Tabakov

  • Wazalwa: Ngo-1973 (EMinsk, eBelarus)

  • Umlando omfushane: Usebenza ngamakhompyutha. Washada noMarina ngo-2006. Batadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova futhi babhapathizwa. Uyakujabulela ukusebenza ngezinto zikagesi nezobuchwepheshe, ikakhulukazi imisakazo namakhompyutha

UMikhail Zelenskiy

  • Wazalwa: Ngo-1960 (EBulaesti, eMoldova)

  • Umlando omfushane: Wayesebenza emikhunjini eshayela namaloli. Washada noVictoria ngo-1989. Ngasekuqaleni kwawo-1990 baqala ukutadisha iBhayibheli. Uthando lwabo ngoJehova lwakhula base bebhapathizwa

Umlando wecala

Eminyakeni engaba mithathu edlule, iNhlangano Kahulumeni Yezokuphepha yaseRussia (i-FSB) yaqala ukubabheka ngeso lokhozi abafowethu nodadewethu base-Ulyanovsk, okwakuhlanganisa ukuqopha izingxoxo ababeba nazo ngocingo. NgoFebhuwari 24, 2019, i-FSB yaqala ukuphenya abakwaMysin kanye noMfoweth’ uKhachikyan, uTabakov noZelenskiy.

Ngemva kwezinsuku ezintathu, ngo-5 ekuseni amaphoyisa apequlula imizi yaBafoweth’ uKhachikyan, uTabakov noZelenskiy. Bobathathu laba bafowethu baboshwa, bavalelwa esitokisini okwesikhashana. Ngalo lolo suku ekuseni, uDadeweth’ uMysina wathola ucingo. Owayemshayele ucingo wamtshela ukuthi imoto yakhe yayilinyaziwe, wabe esecela ukuthi yena nomyeni wakhe uSergey baphumele ngaphandle. Kwathi nje lapho uMfoweth’ uMysin evula umnyango, amaphoyisa e-FSB avele agulukudela emzini wabo. Amaphoyisa asesha umuzi wabo abe esethatha izinto zabo zobuchwepheshe. Laba bashadikazi babe sebeboshwa.

Ngosuku olulandelayo, iNkantolo yaseLeninsky e-Ulyanovsk yavalela uMfoweth’ uMysin esitokisini ngaphambi kokuqulwa kwecala lakhe. UDadeweth’ uMysina nalaba abanye abafowethu abathathu baboshelwa emakhaya.

UMfoweth’ uMysin wachitha izinsuku ezingu-55 esitokisini ngaphambi kokuqulwa kwecala lakhe nezingu-123 eboshelwe ekhaya. UDadeweth’ uMysina, uMfoweth’ uKhachikyan, uTabakov noZelenskiy bachitha izinsuku ezingu-50 kuya kwezingu-55 beboshelwe emakhaya.

NgoMeyi 15, 2019 ekuseni, amaphoyisa e-FSB asesha umuzi kaMfoweth’ uGanin abe esembopha. Wachitha izinsuku ezimbili endaweni yokuvalelwa isikhashana.

Bonke laba bamemezeli abayisithupha manje sebebekelwe imingcele engatheni. Nakuba kunjalo, iziphathimandla ziyaqhubeka nokubacindezela ngezinye izindlela. Iziphathimandla zendawo zivimbele abakwaMysin ukuba bakwazi ukukhipha imali yabo ebhange, ecishe ibe ama-ruble angu-500,000 ($6,313 U.S.) noMfoweth’ uTabakov ama-ruble angu-600,000 ($7,575 U.S.).

Sithandazela ukuthi amazwi aphefumulelwe omhubi aqhubeke nokuqinisa abazalwane bethu eRussia njengoba beshushiselwa ukholo lwabo: “UNkulunkulu uyisiphephelo namandla ethu, usizo olutholakala ngokushesha ngezikhathi zokucindezeleka.”—IHubo 46:1.

[Footnote]

^ par. 3 Lungase lushintshe