Dlulela kokuphakathi

UMfoweth’ uSergey Rayman nomkakhe, uValeriya

SEPTHEMBA 7, 2020
ERUSSIA

Abashadikazi Abasebasha Bamangalelwe Ngokwephula Umthetho ERussia

Abashadikazi Abasebasha Bamangalelwe Ngokwephula Umthetho ERussia

Ukukhishwa kwesinqumo

NgoSepthemba 16, 2020, * iNkantolo YeSifunda SaseSverdlovskiy yasedolobheni laseKostroma izokhipha isinqumo ecaleni likaMfoweth’ uSergey Rayman nomkakhe, uValeriya. Ngamunye wabo angase athole isigwebo seminyaka eyisikhombisa ezolengiswa.

Umlando

USergey Rayman

  • Usuku lokuzalwa: 1996 (eKineshma, eSifundeni sase-Ivanovo)

  • Umlando omfushane: Wafundela umsebenzi wokwakha esikoleni sokuqeqeshela amakhono. Waba uchwepheshe emsebenzini wokuklama izinto zokuhlobisa indlu ngaphakathi (interior design). Wafunda ukuthanda nokuhlonipha iBhayibheli kugogo wakhe. Washada noValeriya ngo-2015. Uyakuthanda ukupheka nomdlalo wokushibilika eqhweni

UValeriya Rayman

  • Wazalwa: 1993 (eSharya, eSifundazweni saseKostroma)

  • Umlando omfushane: Washonelwa uyise lapho eneminyaka eyishumi nje kuphela ubudala. Umama wakhe wamfundisa ngoJehova. Ufundele umsebenzi wokulungisa izinwele

Umlando Wecala

Ekuseni kakhulu ngoJulayi 25, 2018, amaphoyisa ayehlomile agqekeza emzini kaMfowethu noDadewethu uRayman esebenzisa insimbi. La maphoyisa afike ababopha. UDadeweth’ uRayman wahlala izinsuku ezimbili evalelwe esitokisini. UMfoweth’ uRayman wachitha izinsuku ezingu-59 evalelwe yedwa. Iziphathimandla azibavumeli abakwaRayman ukuba baxhumane nabanye oFakazi BakaJehova. Kanti futhi abavunyelwe ukuphuma ekhaya ngemva kokushona kwelanga. Lesi simo esicindezelayo siyiphazamisile impilo yabo engokomzimba nengokomzwelo.

Njengoba laba bashadikazi abasebasha belinde isinqumo senkantolo, sithandazela ukuba baqhubeke benesibindi futhi beqinile, beqiniseka ukuthi uJehova akasoze ayeke ukubasekela.—Joshuwa 1:9.

^ par. 3 Kungenzeka usuku lushintshe