Dlulela kokuphakathi

FEBRUARY 14, 2013
ERUSSIA

ERussia: Ukuncishwa Inkululeko Yokukhulekela Kuwukwephula Umthetho

ERussia: Ukuncishwa Inkululeko Yokukhulekela Kuwukwephula Umthetho

Ngo-December 5, 2012, iNkantolo YoMthetho-sisekelo YaseRussia ikhiphe isinqumo sokuthi amasonto awaphoqelekile ukuba athole imvume kahulumeni kusengaphambili ukuze abe nemibuthano yawo ngaphandle kwezindawo zawo zokukhulekela. Ukuqulwa kwaleli cala, elivulwe i-Human Rights Ombudsman kahulumeni waseRussia, kube usizo olukhulu koFakazi BakaJehova ababa nemibuthano ezindaweni eziqashiwe nasemizini yabo. Ukuze ifinyelele kulesi sinqumo, iNkantolo YoMthetho-sisekelo iye yabhekisela emacaleni avune oFakazi BakaJehova phambi kweNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu. UGrigory Martynov, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova, wathi: “Sithemba ukuthi lesi sinqumo sizosivumela ukuba sihlangane ngaphandle kwezithikamezo nokuthi sizoqinisekisa ukuthi eRussia kuba nenkululeko engokwenkolo.”

Media Contacts:

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Russia: Grigory Martynov, tel. +7 812 702 2691