Dlulela kokuphakathi

OKTHOBA 8, 2020
ERUSSIA

INkantolo YaseRussia Igwebe OFakazi Abayisithupha, Yabanika Izigwebo Zasejele Ezilengisiwe

INkantolo YaseRussia Igwebe OFakazi Abayisithupha, Yabanika Izigwebo Zasejele Ezilengisiwe

Ngo-Okthoba 8, 2020, iNkantolo Yesifunda YaseZasviyazhsky eDolobheni lase-Ulyanovsk igwebe uMfoweth’ u-Aleksandr Ganin, uKhoren Khachikyan, u-Andrey Tabakov noMikhail Zelenskiy, kanye noSergey Mysin nomkakhe, uNataliya. Banikezwa izigwebo ezilengisiwe ezisukela eminyakeni emibili nohhafu kuya eminyakeni emine. Lokhu kusho ukuthi abafowethu nodadewethu ngeke bavalelwe ejele okwamanje.