Dlulela kokuphakathi

FEBRUARY 15, 2021
ERUSSIA

INkantolo YaseRussia Ihlawulise UDadeweth’ USvetlana Monis Ngenxa Yokholo Lwakhe

INkantolo YaseRussia Ihlawulise UDadeweth’ USvetlana Monis Ngenxa Yokholo Lwakhe

NgoFebhuwari 15, 2021, iNkantolo Yesifunda YaseBirobidzhan Esesifundeni Esibuswa AmaJuda ithole uDadeweth’ uSvetlana Monis enecala lokwenza imisebenzi yenhlangano evinjelwe. Inkantolo inqume ukumhlawulisa ama-ruble angu-10 000 ($135 U.S.).

Emazwini akhe okuphetha, uDadeweth’ uSvetlana ubonise ukholo nesibindi. Uthe: “Ngicela ukutshela inkantolo ukuthi ngimi phambi kwenu . . . ngenxa yegama leNkosi, uJesu Kristu noYise, uJehova uNkulunkulu. Nakhu iBhayibheli elikushoyo ngale ndaba. Encwadini ka-1 Petru 4:14-16, lithi: ‘Uma nihlanjalazwa ngenxa yegama likaKristu, niyajabula, ngoba umoya wenkazimulo, yebo, umoya kaNkulunkulu, uhlezi phezu kwenu. Nokho, makungabikho noyedwa kini ohlupheka ngoba engumbulali noma eyisela noma engumenzi wokubi noma ngoba engugaxekile ezindabeni zabanye abantu. Kodwa uma noma ubani ehlupheka ngoba engumKristu, makangabi namahloni, kodwa makaqhubeke ekhazimulisa uNkulunkulu njengoba ebizwa ngaleli gama.’”