Dlulela kokuphakathi

UMfoweth’ u-Anatoliy Tokarev engaphandle kwenkantolo ngo-Agasti 2020

OKTHOBA 23, 2020
ERUSSIA

INkantolo YaseRussia Ihlawulise UMfoweth’ U-Anatoliy Tokarev

INkantolo YaseRussia Ihlawulise UMfoweth’ U-Anatoliy Tokarev

Ngo-Okthoba 23, 2020, iNkantolo Yesifunda Yase-Oktyabrsky eKirov imlahle ngecala uMfoweth’ u-Anatoliy Tokarev yabe isimhlawulisa ama-ruble angu-500 000 (R106 147,64). Unezinsuku eziyishumi kuphela zokufaka isikhalo ngalesi sinqumo.

Emazwini akhe okuphetha awasho enkantolo, uMfoweth’ uTokarev ngesibindi uthe: “Ngokuphathelene nalokhu okwenzeke kuleli cala, iziphathimandla zezomthetho kusobala ukuthi ziqonde ukuthi kimi: ‘Kuphakathi kokuthi ulahla ukholo lwakho, noma . . . ujeziswa kanzima phambi kukawonkewonke.’ . . . Nkosi yenkantolo, njengoba ngasho ngosuku lokuqala lokuqulwa kwecala lami ngisaphinda futhi namanje ngithi, ngeke ngilulahle ukholo lwami kuNkulunkulu. . . . Kuyiqiniso ukuthi mina, njengabo bonke abanye oFakazi BakaJehova, ukwesatshiswa ngokuboshwa noma ngisho nangokubulawa kusibangela ukukhathazeka, kanti futhi ukuvezwa kwami njengomuntu oyingozi emphakathini kwenza igama lami libe nedumela elibi ngokungenasidingo. Noma kunjalo, Nkosi yenkantolo, ngeke ngimshiye uNkulunkulu bese ngilahlekelwa uthando lwakhe.”