Dlulela kokuphakathi

UMfoweth’ uYuriy Zalipayev enikeza amazwi akhe okuphetha enkantolo

OKTHOBA 7, 2020
ERUSSIA

INkantolo YaseRussia Imthole Engenacala UMfowethu UYuriy Zalipayev!

INkantolo YaseRussia Imthole Engenacala UMfowethu UYuriy Zalipayev!

Ngo-Okthoba 7, 2020, iNkantolo Yesifunda YaseMayskiy eKabardino-Balkarian Republic imthole engenacala uMfoweth’ uYuriy Zalipayev yabe isiwesula wonke amacala abemangalelwe ngawo. Umshushisi unezinsuku eziyishumi zokufaka isikhalo ngalesi sinqumo senkantolo.

Umshushisi wamangalela uMfoweth’ uZalipayev ngokuthi wayegqugquzela izenzo zodlame. Nokho, bangaphezu kuka-30 abantu abanikeza ubufakazi bokuthi akenzanga lutho olubi ngaphandle kokukhuthaza abanye ukuba bafunde iBhayibheli, babe nothando nomusa kwabanye abantu.

Isinqumo senkantolo sokuthi “akanacala” sasisekelwe naseziphethweni zamuva ezafinyelelwa yi-UN Working Group ebhekelele ukuboshwa ngezizathu ezingezwakali eyaqinisekisa ukuthi oFakazi BakaJehova abanalo udlame futhi abalugqugquzeli nhlobo udlame.

Ngemva kokukhishwa kwesinqumo, uMfoweth’ uZalipayev wathi: “Umndeni wami nabangane bethu besilindele noma yini. Siyambonga uJehova, angizange ngizizwe ngicindezelekile phakathi nokuqulwa kwecala. Ngijabule kakhulu futhi ngibabonga bonke abebelwela ukungabi nacala kwami.”