Dlulela kokuphakathi

SEPTHEMBA 25, 2020
ERUSSIA

INkantolo YaseRussia Inike UMfoweth’ UKonstantin Bazhenov, Umkakhe Nodade Oneminyaka Engu-73 Ubudala Isigwebo Seminyaka Emibili Elengisiwe

INkantolo YaseRussia Inike UMfoweth’ UKonstantin Bazhenov, Umkakhe Nodade Oneminyaka Engu-73 Ubudala Isigwebo Seminyaka Emibili Elengisiwe

NgoSepthemba 25, 2020, iNkantolo Yesifunda YaseYelizovsky eSifundazweni saseKamchatka yagweba uMfoweth’ uKonstantin Bazhenov, umkakhe, uSnezhana noDadewethu uVera Zolotova. Ekuqaleni umshushisi wayefuna ukuba uMfowethu noDadewethu uBazhenov bahlawuliswe ama-ruble angu-600 000 ($7,850 U.S.) bese kuthi uDadewethu uZolotova ahlawuliswe ama-ruble angu-400 000 ($5,195 U.S.). Nokho, inkantolo ibanike isigwebo seminyaka emibili elengisiwe bese kuba yizinyanga eziyisithuba bebekelwe imingcele ethile. UMfowethu noDadeweth’ uBazhenov kanye noDadewethu uZolotova bayajabula ngokuthi ngeke bavalelwe ejele noma bakhokhe inhlawulo.