Dlulela kokuphakathi

UMfoweth’ uDennis Christensen ejele ngesikhathi evakashelwe ummeli wakhe ngoSepthemba 2020

OKTHOBA 26, 2020
ERUSSIA

INkantolo YaseRussia Iphinde Yenqabela UMfoweth’ UChristensen Ukuba Asheshe Akhululwe

INkantolo YaseRussia Iphinde Yenqabela UMfoweth’ UChristensen Ukuba Asheshe Akhululwe

Ngo-Okthoba 26, 2020, iNkantolo Yesifunda YaseLgov iphinde yenqaba ukusheshe ikhulule uMfoweth’ uDennis Christensen, osechithe iminyaka engaphezu kwemithathu ejele. Unezinsuku eziyishumi kuphela zokuthi afake isikhalo. Isigwebo sikaMfoweth’ uChristensen kulindeleke ukuba siphele ngoMeyi 2022. Usuku lokuphela kwaso luhambisana nesinxephezelo ngenxa yesikhathi asichitha esitokisini ngaphambi kokuqulwa kwecala. Nokho, ngenyanga edlule izikhulu zasejele zimbize ngokuthi “uyisephula-mthetho esiyingozi” uma kuziwa ekulandeleni imithetho yasejele. Ngenxa yalokho, sekungenzeka noma yini ngesinxephezelo sakhe futhi angaqhubeka esejele ngisho nangale kukaMeyi 2022.

UMfoweth’ uDennis Christensen nomkakhe u-Irina bakhuthazelele ubunzima obuningi ngokomzimba, ngokwengqondo nangokomzwelo, kusukela umfoweth’ uDennis aboshwa ngoMeyi 25, 2017. Nakuba kunjalo, bobabili bayaqhubeka bejabula futhi bazimisele ngempela ukukhuthazelela lokhu kuvivinywa kokholo lwabo—sibonga nezigidi zemithandazo eyenziwa abafowethu emhlabeni wonke.