OKTHOBA 28, 2020
ERUSSIA
INkantolo YaseRussia Iyenqaba Ukusheshe Ikhulule UMfoweth’ UBazhenov
Ngo-Okthoba 28, 2020, iNkantolo Yedolobha LaseDimitrovgrad Yesifunda Sase-Ulyanovsk yenqabile ukuba uMfoweth’ uKonstantin Bazhenov asheshe akhululwe bese ekhokha inhlawulo esikhundleni sokudonsa isigwebo esisele. Unezinsuku eziyishumi kuphela zokufaka isikhalo ngesinqumo senkantolo.
Ngesikhathi efakwa esitokisini okokuqala ngaphambi kokuqulwa kwecala ngoJuni 2018, uMfoweth’ uBazhenov wayesaba nokuyinto engasimangazi. Nokho, waqala ukuzenzela amanothi angamavesi eBhayibheli. Wakwazi ukubhala amavesi angaba ngu-500 ayewakhumbula ngekhanda. Ekugcineni, wathola iBhayibheli, walifunda ngezinyanga ezine. UMfoweth’ uBazhenov wabhala izincwadi ukuze akhuthaze abanye ngakuthole eBhayibhelini. Wayecula namaculo oMbuso, emnxusa njalo uJehova ukuba amsize.
UMfoweth’ uBazhenov wachitha izinsuku ezingu-340 ngaphambi kokuqulwa kwecala. Ngemva kokulahlwa yicala nokugwetshwa iminyaka emithathu nohhafu ejele ngoSepthemba 2019, waqhubeka nesimiso sakhe sokwenza izinto ezimsondeza kuNkulunkulu. Siyambonga uJehova ngokuthi uMfoweth’ uBazhenov wakwazi ukugubha iSikhumbuzo ngesikhathi esejele. Ngokuhlale eseduze noJehova, uMfoweth’ uBazhenov ukwazile ukulukhuthazelela ngenjabulo ushushiso. Kwangathi singaqhubeka sithandazela uMfoweth’ uBazhenov.