JUNI 8, 2022
ERUSSIA
INkantolo YaseYurophu Ikhiphe Isinqumo Esibalulekile Ngokumelene NeRussia Njengoba Ishushisa OFakazi BakaJehova
NgoJuni 7, 2022, iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu (ECHR) ikhiphe isinqumo a esibaluleke kakhulu ngokumelene neRussia njengoba ishushisa oFakazi BakaJehova. I-ECHR yathi kwakungekho ngokomthetho ukuba iRussia ivimbele oFakazi BakaJehova ngo-2017. Le Nkantolo yaphinde yathi kwakungekho ngokomthetho ukuvinjelwa kwezincwadi ezinyathelisiwe ne-jw.org. IRussia yayalwa ukuba iyeke wonke amacala ayevuliwe ngokumelene nabafowethu nodadewethu nokuba ikhulule bonke ababoshiwe. Kwaphinde kwathiwa iRussia ayibuyisele yonke impahla eyayiyishaqile noma ikhokhe emali engango-R1 120 014 971 eyisinxephezelo. IRussia yayalwa ukuba ikhokhele abafake izicelo isamba esingango-R60 626 096 esiyisinxephezelo.
Lesi sinqumo siphathelene namacala angu-20, kusukela ngo-2010 kuya ku-2019, amayelana nezicelo ezingu-1 400 ezihlanganisa oFakazi nezinhlangano ezingokomthetho. Nokho, isinqumo se-ECHR asithinti nje labo abafake izicelo kuphela. Isinqumo sithi iRussia “kumelwe ithathe zonke izinyathelo ezidingekayo ukuze iyeke wonke amacala avuliwe amelene noFakazi BakaJehova . . . nokuba ikhulule bonke oFakazi BakaJehova abancishwe inkululeko yabo.” (Omalukeke sizenzele.) Lesi sinqumo silwela bonke abafowethu nodadewethu abahlala eRussia nabangahlali khona futhi sibonisa ukuthi oFakazi BakaJehova bayizakhamuzi eziwulalelayo umthetho nezishushiswa futhi ziboshwe ngokungemthetho.
Kulesi sinqumo, i-ECHR iziphike ngokuphelele izinsolo ezingenabufakazi zeRussia ezithi izenzo zethu, izinkolelo zethu, izincwadi zethu ngisho newebusayithi yethu kuyeqisa. Ngokwesibonelo, phawula izinto ezimbalwa ezikulesi sinqumo:
Izenzo: I-ECHR ithi izinkantolo zaseRussia “azitholanga lutho olushiwo noma olwenziwe yilaba abafake izicelo olubonisa ukuthi bashukunyiswa udlame, inzondo noma ukucwasa abanye.” (§271)
Inkolelo yokuthi oFakazi BakaJehova yibo abayinkolo yeqiniso: “Ukwenza abanye bakholelwe ukuthi inkolo yakho iyazedlula ezinye futhi lokhu kwenziwe ngokuthula nokubanxusa ukuba bayeke ‘inkolo yamanga’ bahlanganyele ‘enkolweni yeqiniso,’ kuyindlela engokomthetho yokusebenzisa inkululeko engokwenkolo nenkululeko yokukhuluma.” (§156)
Ukumpontshelwa igazi: “Wonke umuntu unenkululeko yokuzikhethela ukuthi uyafuna yini ukumpontshelwa igazi noma akafuni, kuyilungelo lakhe ukuzinqumela emkhakheni wezokwelashwa elivikelwe uMthetho-sivumelwano nomthetho waseRussia.” (§165)
Ukwenqaba ukuya empini ngenxa kanembeza: “Awukho umthetho waseRussia ophuliwe ngokunqaba ukuhlanganyela kwezempi ngenxa yenkolo.” (§169)
Izincwadi zethu: “Imisebenzi engokwenkolo yalabo abafake izicelo nalokho izincwadi zabo ezikhuluma ngakho, kubonakala kunokuthula ngokuvumelana nemfundiso yabo yokungabi nodlame.” (§157)
I-JW.ORG: INkantolo ithe izinto ezifakwa ku-jw.org azeqisi. Uma iziphathimandla zingavumelani nokufakwe kule webusayithi, bekufanele zicele inhlangano isuse kuphela lokho ezikubona kungafaneleki, kunokuba zivimbele ukusetshenziswa kwale webusayithi. (§231 kuya ku-§232)
Lesi sinqumo sizigxeka kakhulu iziphathimandla zaseRussia futhi sibonisa ukuthi oFakazi abaphathwanga ngendlela efanele, bacwasiwe nokuthi iziphathimandla “azibanga neqiniso.” (§187) Ngokwesibonelo, lapho iNkantolo yamalungelo abantu yenza lesi sinqumo ithole lokhu okulandelayo:
“Ukuphoqwa kokuqedwa kwayo yonke inhlangano yezenkolo yoFakazi BakaJehova eRussia, akubangelwanga ukuthi babengathathi-hlangothi ezintweni zomthetho, kunalokho ubufakazi bubonisa ukuthi lokhu kwabangelwa ukuthi iziphathimandla zaseRussia zazibandlulula futhi zimelene nemisebenzi yenkolo eyenziwa oFakazi BakaJehova, nanokuthi iziphathimandla zaseRussia zazifuna oFakazi BakaJehova bayeke ukuba nokholo futhi zivimbele abanye ukuba bahlanganyele nabo.” (§254)
Iziphathimandla zaseRussia zavumela ukuba kwenzeke “amaphutha amakhulu” lapho kuqulwa icala, njengalapho iNkantolo Ephakeme YaseRussia isebenzisa imibiko echemile yamaphoyisa nabashushisi abakhethiwe kunokuhlola ubufakazi ngokungakhethi. (§203)
Umthetho wokuthi oFakazi BakaJehova bayinkolo eyeqisayo wabhalwa ngobuchule ngendlela eyenza ungacaci futhi ungazwakali kahle kangangokuthi wavumela iziphathimandla ukuba ziphathe oFakazi BakaJehova ngokungemthetho. (§272)
Akucaci ukuthi isinqumo se-ECHR sizoba namuphi umthelela eRussia. Isiphetho siwukuthi, asithembele osizweni lweziphathimandla. Kunalokho, “silindele uJehova” ‘umsizi wethu nehawu lethu.’—IHubo 33:20.