Dlulela kokuphakathi

UDadeweth’ UYelena Barmakina nomyeni wakhe uDmitriy

SEPTHEMBA 28, 2020
ERUSSIA

UDadewethu uYelena Barmakina Ubekwe Icala Lokuthandaza Nokufunda IBhayibheli Lakhe

UDadewethu uYelena Barmakina Ubekwe Icala Lokuthandaza Nokufunda IBhayibheli Lakhe

Usuku Lokukhishwa Kwesinqumo

NgoSepthemba 29, 2020, * iNkantolo Yesifunda YasePervorechenskiy eVladivostok izokhipha isinqumo ecaleni likaDadeweth’ uYelena Barmakina. Angase athole isigwebo esilengisiwe esiyiminyaka emithathu. Njengoba uDadeweth’ uBarmakina esalinde isinqumo secala lakhe, icala lomyeni wakhe uDmitriy nalo liyaqhubeka.

Umlando

UYelena Barmakina

  • Wazalwa: Ngo-1967 (ECherepanovo, eSifundeni SaseNovosibirsk)

  • Umlando omfushane: Unakekela abazali bakhe asebekhulile nogogo wakhe. Wenza umsebenzi wokuthwebula izithombe, nokuyinto ayethanda kakhulu ukuzijabulisa ngayo. Uyakuthanda ukubhukuda nokuqwala izintaba

  • Ngesikhathi eqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehoba, wakholiseka ukuthi iziprofetho esezigcwalisekile ziwubufakazi bamandla kaNkulunkulu. Ukholo lwakhe lwakhula njengoba ayebona uJehova ephendula imithandazo yakhe. Washada noDmitriy ngo-2003

Umlando wecala

Ngo-7 ekuseni ngoJulayi 28, 2018, iqembu lamaphoyisa ayehlomile efake nezifihlabuso latheleka emzini kagogo kaDadeweth’ uYelena Barmakina oneminyaka engu-90. UDadeweth’ uBarmakina nomyeni wakhe uDmitriy babehlala khona ukuze bamnakekele. UMfoweweth’ uBarmakin waboshwa wabe esevalelwa esitokisini ngaphambi kokuqulwa kwecala lakhe. Iziphathimandla zasabisa uDadeweth’ uBarmakina, zathi kuye, “Ngokuzayo kuzoba nguwe!”

Ngemva konyaka, iziphathimandla zenza ukuba uDadeweth’ uBarmakina angakwazi ukukhipha imali yakhe ebhange. Ngo-Agasti 6, 2019, umseshi wasendaweni wavulela uDadeweth’ uBarmakina icala lokuthi wayethandaza, efunda iBhayibheli, ebukela nezintshumayelo. Ummeli wakhe wacela inkantolo ukuba iwasule lawo macala ngoba lokhu ababekubiza ngamacala kwakumane kuyizenzo zokukhulekela ezivamile. Nokho ijaji lalisekela icala elalibekwe uDadeweth’ uBarmakina lokuthi ayekwenza “kwakuyimisebenzi yenkolo eyeqisayo” enqatshelwe umthetho waseRussia.

La macala abangele uDadeweth’ uBarmakina ukucindezeleka ngokomzwelo nangokomzimba. Wahlukaniswa nomyeni wakhe izinsuku ezingu-447 ngesikhathi umyeni wakhe esesitokisini ngaphambi kokuqulwa kwecala lakhe. UDadeweth’ uBarmakina ubhekana nenkinga enkulu nalapho kudingeka akhethe umsebenzi wokuziphilisa ngoba kumelwe atholakale uma ebizelwa icala noma ukuzophenywa ngemibuzo.

Ngokwalokho esikufunda eBhayibhelini, akusimangazi ukuthi iziphathimandla zaseRussia ziye ‘zasunduza kakhulu’ emzamweni wazo wokwephula ubuqotho babafowethu nodadewethu. Nakuba kunjalo, kuyasiduduza ukwazi ukuthi uJehova uzoqhubeka ‘eyisikhoselo sabo’ esilondekile ‘namandla abo.’—IHubo 118:13, 14.

^ par. 3 Lungase lushintshe