OKTHOBA 8, 2020
ERUSSIA
UMfoweth’ U-Anatoliy Tokarev Angase Agwetshwe Iminyaka Emithathu Nengxenye Ejele LaseRussia
Usuku Lwesinqumo
Ngo-Okthoba 23, 2020, * inkantolo yase-Oktyabrsky eKirov kulindeleke ukuba yenze isinqumo ecaleni likaMfoweth’ u-Anatoliy Tokarev. Angase agwetshwe iminyaka emithathu nengxenye ejele.
Umlando
U-Anatoliy Tokarev
Wazalwa: Ngo-1958 (EBaranovskaya, esifundeni iKirov)
Umlando omfushane: Wakhuliswa ngumama wakhe. Ngaphambi kokuthatha umhlala-phansi wayesebenza njengonjiniyela wezinhlelo zamakhompyutha. Uyakuthanda ukuthwebula izithombe, ukudlala i-chess nenkositini. Washada noMargarita ngo-1979. Banezingane ezimbili
Ukuba kwakhe kwezesayenzi kwamenza wangakholelwa kwanhlobo kuNkulunkulu. Lapho eneminyaka engu-27, waqala ukufunda iBhayibheli noFakazi bakaJehova futhi kwahlaluka kuye ukuthi izinkolelo zobuKristu azingqubuzani nesayensi.
Umlando Wecala
Ngo-Meyi 24, 2019, amaphoyisa aseRussia eSikhungo Esilwa Nobuphekula apequlula umuzi wabakwaTokarev. Amaphoyisa abe esegxila kuMfoweth’ uTokarev. Esabisa ngokuthi azowuvulela icala umndeni kaMfoweth’ uTokarev uma engavumi ukuthi wenza izenzo zeqembu “eliyingozi.” Abe esemthatha uMfoweth’ uTokarev ukuze ayompheka ngemibuzo.
Ngemva kwezinyanga ezicishe zibe nhlanu, uMfoweth’ uTokarev wathwesa icala njengesephula-mthetho ngaphansi kwezigaba ezimbili Zomthetho Wezobugebengu eRussia. Usolwa ngokusiza ngezimali inhlangano “eyeqisayo.” Abashushisi basebenzisa namazwi abawaqopha kungaboni muntu emzini wabakwaTokarev ukuze babhece u-Anatoliy ngokuhlela umhlangano okwafundwa kuwo izincwadi ezenqatshelwe.
Siyaqhubeka sibathandazela uMfoweth’ uTokarev nomndeni wakhe. Siyaqiniseka ukuthi uJehova uzoqhubeka esebenzelana nabo “ngobuqotho.”—IHubo 18:25.
^ par. 3 Ingase ishintshe