Dlulela kokuphakathi

UMfoweth’ uKhasan Kogut nomkakhe, uYekaterina nendodana yabo eneminyaka engu-8, uTimofey

AGASTI 24, 2020
ERUSSIA

UMfoweth’ uKhasan Kogut Angase Adonse Iminyaka Emibili Ejele ERussia, Ehlukanisiwe Nomkakhe Nendodana Yakhe Esencane

UMfoweth’ uKhasan Kogut Angase Adonse Iminyaka Emibili Ejele ERussia, Ehlukanisiwe Nomkakhe Nendodana Yakhe Esencane

Usuku Oluhlelelwe Isinqumo

Isigwebo Esihlongozwayo

Iminyaka emibili ejele

Umlando

UKhasan Kogut

  • Wazalwa: 1983 (eShahrisabz, e-Uzbekistan)

  • Umlando omfushane: Waqala ukukhangwa amaqiniso eBhayibheli phakathi nawo-1990. Wathuthela eRussia ngo-2004 wabe esethola ilungelo lokuba yisakhamuzi saseRussia. Washada noYekaterina ngo-2010. Indodana yabo uTimofey, yazalwa ngo-2012

Umlando Wecala

NgoJulayi 2018, amaphoyisa asesha imizi yoFakazi engu-8 ashaqa nemishini yobuchwepheshe ephathwayo. Ezinyangeni eziningana kamuva, uMfoweth’ uKogut nomkakhe babizelwa esiteshini samaphoyisa kwathiwa abazolanda into yabo eyayithathwe amaphoyisa. Lapho befika ngoFebhuwari 6, 2019, amaphoyisa abopha uMfoweth’ uKogut. Ambeka icala lokubamba iqhaza emsebenzini wenhlangano “eyingozi”, ngenxa nje yokuthi wayenza imisebenzi yenkolo.

Ngemva kokuvalelwa esiteshini samaphoyisa izinsuku ezimbili, uMfoweth’ uKogut waboshelwa ekhaya. Wachitha izinsuku ezingaphezu kuka-200 eboshelwe ekhaya ngaphambi kokuba akhululwe ngo-Agasti 2019. Ngemva kwamasonto ambalwa kwabe sekuqala ukuqulwa kwecala lakhe.

Njengoba umndeni wakwaKogut ulinde ukuzwa isinqumo senkantolo, siyazi ukuthi uyaqhubeka uphonsa izinkathazo zawo kuJehova, ududuzwa yisiqinisekiso sokuthi uyawukhathalela.—1 Petru 5:7.

^ par. 3 Usuku lungase lushintshe