Dlulela kokuphakathi

UMfoweth’ uYegor Baranov NoDadeweth’ uDarya Dulova

SEPTHEMBA 8, 2020
ERUSSIA

UMfowethu Osemncane UBaranov NoDadewethu UDulova Babonisa Ukholo Nesibindi

UMfowethu Osemncane UBaranov NoDadewethu UDulova Babonisa Ukholo Nesibindi

Abasha bethu ababili abathandekayo baseRussia, uMfoweth’ uYegor Baranov noDadeweth’ uDarya Dulova, babhekene ngesibindi nokugwetshwa kwabo namathuba okuthi bangase badonse isikhathi eside ejele. UMfoweth’ uBaranov njengamanje osesitokisini ngaphambi kokuqulwa kwecala lakhe, uneminyaka engu-19 nje kuphela. UDadeweth’ uDulova wayeneminyaka engu-18 kuphela ubudala lapho iziphathimandla zitheleka ekhaya kubo zisosesha. Le ntsha iyona encane kunabo bonke kubafowethu nodadewethu abangaphezu kuka-380 baseRussia ababekwe amacala obugebengu ngenxa yokholo lwabo.

UMfoweth’ uBaranov ubelokhu evalelwe esitokisini elinde ukuqulwa kwecala lakhe kusukela ngoMeyi 27, 2020. UDadeweth’ uDulova ulinde isinqumo senkantolo emacaleni amabili ahlukene. Naphezu kwezinselele ezingapheli ababhekene nazo, bobabili bazimisele ukuhlala bethembekile kuJehova.

Abophiko lwezokuvikela iFederal Security Service (FSB) ababehlomile batheleka kubo kaMfoweth’ uBaranov lapho ayehlala khona nomama wakhe ngoMeyi 27. Ngalo lolo suku, iJaji u-Aleksey Shatilov layala ukuba umfowethu aboshwe ngenxa yokuthi “ungomunye wabaholi” boFakazi BakaJehova endaweni.

Phakathi nesikhathi esethusayo sokugasela kwamaphoyisa ezosesha, uMfoweth’ uBaranov uthi wakwazi ukuhlala ezolile ngemva kokuthandaza kuJehova. Uyalandisa, “Omunye walabo ababenza uphenyo waphawula wathi ngibukeka njengomuntu owayevele ebalindele.”

UMfoweth’ uBaranov uthi uhlale ezikhumbuza ukuthi “uma uJehova esivumele lesi simo, kusho ukuthi ngingakwazi ukusikhuthazelela.” Uqhubeke wathi: “Ukuthandaza ngokujulile ngicela usizo nomoya ongcwele kuNkulunkulu kungisizile ukuba ngingesabi. Okunye engiqiniseka ngakho, ukuthi angisona isigebengu. Unembeza wami awungilahli, kunalokho ngishushiswa ngenxa yokholo lwami.”

UMfoweth’ uBaranov uqinisekisile ukuthi akazizwa esongelwa ezinye iziboshwa lapho evalelwe khona. Iziboshwa akanye nazo ezingenabudlova ziyamhlonipha futhi zimphatha njengomfowabo omncane. UMfoweth’ uBaranov uthi, “Ziyaqonda ukuthi akufanele engabe ngilapha.”

Ngo-Agasti 1, 2018, amaphoyisa atheleka efulethini uDadeweth’ uDulova ahlala kulo nomama wakhe. UDadeweth’ uDulova uyachaza ukuthi nakuba ukuseshwa komuzi wakubo nokuboshwa kwakhe kumbangele ukucindezeleka, ukholo lwakhe aluntengantengi. Uthi, “Ngizimisele ukuhlale ngithembekile kuJehova. Ngizomkhonza kuze kube sekugcineni uJehova, noma ngabe kwenzekani.”

Ukuqulwa kwecala likaDadeweth’ uDulova kwaqala ngoSepthemba 2019 eNkantolo Yedolobha LaseKarpinsky eSifundeni saseSverdlovsk. Phakathi nokunye ukuqulwa kwecala lakhe kokugcina, uDadeweth’ uDulova watshela inkantolo ukuthi kuyinto ejwayelekile ukuba abantu baxoxelane ngezinto ezibajabulisayo ekuphileni. Wabe esechaza: “Ngokwesibonelo, ngiyazi ukuthi maduzane uNkulunkulu uzokwenza lo mhlaba ube yipharadesi, nokuthi maduzane abantu bayokhala izinyembezi zenjabulo kuphela. Lezi zindaba ezijabulisayo akufanele yini zingenze ngifune ukuxoxela umakhelwane wami ngazo?”

Naphezu kwamazwi akhe anengqondo nabonisa isibindi okuzivikela, lamlahla icala ngoJanuwari 27, 2020. UDadeweth’ uDulova wathola isigwebo sonyaka owodwa esilengisiwe. Ummeli wakhe wafaka isikhalo sokusiphikisa.

Ngo-Agasti 6, 2020, iNkantolo Yesifunda YaseSverdlovsk yasichitha isigwebo esasinikezwe uDadeweth’ uDulova. Icala laphindiselwa eNkantolo Yedolobha LaseKarpinsky ukuze liqulwe kabusha sekunelinye ijaji elihlukile. Okwamanje alukabekwa usuku lokuqulwa kwaleli cala. Njengoba elinde imiphumela yaleli cala, usalwa indaba yelinye icala ababekwe lona nomama wakhe nabanye oFakazi abathathu.

UMfoweth’ uBaranov noDadeweth’ uDulova bafunde okuningi ovivinyweni ababhekene nalo.

UDadeweth’ uDulova uyachaza ukuthi yini emsizile: “Qinisa ubuhlobo bakho noNkulunkulu ngokufunda iBhayibheli, ukulungiselela imihlangano yebandla nokufunda izingoma zoMbuso. Hlale ucabanga ngamazwi aseBhayibhelini angakusiza uyeke ukukhathazeka nokwesaba izinto ezingase zenzeke.”

UMfoweth’ uBaranov uthi: “Ukuze ukhuthazelele lezi zimo, kudingeka ube nobungane obuqinile noNkulunkulu. Ungachithi isikhathi sakho ezintweni ezingathi shu. Qinisa ubungane bakho noJehova uNkulunkulu khona manje.”

IBhayibheli ligcwele izibonelo zentsha ethembekile esizwa uJehova ukuba ingesabi futhi ibe nesibindi. Siyazi ukuthi uzoqhubeka eyisekela intsha yethu eyigugu ebhekene noshushiso eRussia nakwezinye izindawo emhlabeni.​—1 Samuweli 1:​20; 16:18; 2 AmaKhosi 5:​1-3; Daniyeli 1:​14-​17; 3:​17-​27.