Dlulela kokuphakathi

JULAYI 24, 2020
ERUSSIA

UMfowethu UDennis Christensen Uphinde Wavalelwa Esitokisini Sokujezisa Esikhethekile Okwesibili

UMfowethu UDennis Christensen Uphinde Wavalelwa Esitokisini Sokujezisa Esikhethekile Okwesibili

UMfoweth’ uDennis Christensen ufakwe esitokisini sokujezisa esikhethekile (SHIZO) okwesibili ngoJulayi 15, 2020. Uzoqhubeka evalelwe lapho kuze kube uJulayi 27. Lokhu kwenzeke ezinsukwini ezine nje kuphela ngemva kokuba ekhisiwe eSHIZO. Uma engase avalelwe eSHIZO okwesithathu, ijele lingase linqume ukuthi “uwephula ngokuphindaphindiwe umthetho wasejele” bese limthumela esitokisini sokujezisa esibi kakhulu kunalesi (i-EPKT) ahlale kuso izinyanga ezifinyelela kweziyisithupha. Abameli bakaMfoweth’ uChristensen bahlela ukufaka isikhalo ngalokhu kumangalelwa kwamuva kukaMfoweth’ uChristensen.

Iziphathimandla zijezisa uMfoweth’ uChristensen ngenxa yokuthi izinkinga zempilo azimvumeli enze umsebenzi wakhe wasejele. Iziphathimandla zasejele ziyale ukuba uMfoweth’ uChristensen asebenze embonini yasejele yokuthunga. Kodwa impilo yakhe isiwohloke kakhulu kusukela aboshwa. Odokotela basejele bathi uMfoweth’ uChristensen uphile ngokwanele ukuba enze umsebenzi, uma ezothatha amakhefu okuphumula futhi avivinye umzimba. Nokho, udokotela ozimele wayemhlolile uMfoweth’ uChristensen esikhathini esingaphambidlana. Lo dokotela wathi isimo sempilo sikaMfoweth’ uChristensen asimvumeli ukuba enze umsebenzi awunikwe ejele.

ESHIZO, iziboshwa azivunyelwe ukuthenga ukudla, ukushaya ucingo nokwamukela izingcingo ezivela ngaphandle, ukuvakashelwa noma ukwamukela amaphasela eziwathunyelelwe. Umthetho uyazivumela iziboshwa eziseSHIZO ukuba zivakashelwe abefundisi. Nokho, uMfoweth’ uChristensen akavunyelwe ukucela abadala ukuba bamvakashele. Lokhu kungenxa yokuthi oFakazi BakaJehova abasabhalisiwe njengenkolo esemthethweni eRussia.

Njengoba kwakubikiwe esikhathini esidlule, ngoJuni 23, iNkantolo Yesifunda YaseLgov yagunyaza ukuba uMfoweth’ uChristensen asheshe akhululwe, yayala nokuba ingxenye esele yesigwebo sakhe ishintshwe ibe yinhlawulo. Ezinsukwini ezimbalwa ngemva kwalokho, umshushisi wafaka isikhalo ephikisana naleso sinqumo. Kubonakala sengathi iziphathimandla zasejele zibambisene nomshushisi emzamweni wokonakalisa idumela likaMfoweth’ uChristensen nokuvimba ukuba angasheshe akhululwe.

Bobabili uMfoweth’ uChristensen nomkakhe, u-Irina, bayilondolozile injabulo yabo. Kusikhuthaza kakhulu ukubona indlela uJehova ahlale ezisiza ngayo izinceku zakhe ezithembekile ukuba zikhuthazelele ngisho novivinyo olunzima kangakanani ngesineke nangenjabulo.—Kolose 1:11.