Dlulela kokuphakathi

OCTOBER 31, 2013
ERUSSIA

UMkhandlu Omkhulu WeNkantolo YaseYurophu Uyenqaba Ukubuyekeza Isinqumo Esithathwe Ngokumelene NeRussia

UMkhandlu Omkhulu WeNkantolo YaseYurophu Uyenqaba Ukubuyekeza Isinqumo Esithathwe Ngokumelene NeRussia

NgoMsombuluko, ngo-October 7, 2013, uMkhandlu Ophakeme weNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu wasenqaba isicelo seRussia sokuba kubuyekezwe isinqumo seNkantolo sango-June 6 secala elihilela oFakazi BakaJehova. Le Nkantolo yathi iRussia inecala lokungawahloniphi amalungelo okugcinwa kokwaziswa kukaNksz. V. Zhukova no-Nksz. Y. Avilkina kuyimfihlo futhi yathi uhulumeni wakhona akakhokhele ngamunye wabo ama-euro angu-5 000 (R68 600). Iziphathimandla zaseRussia zazibekwe icala lokuthatha ukwaziswa okuyimfihlo kwasesibhedlela kwalaba besifazane ngaphandle kwemvume yabo. IRussia yenze isicelo sokudlulisela leli cala eMkhandlwini Ophakeme weNkantolo, onegunya lokubuyekeza leso sinqumo. Kodwa iNkantolo yenqabile. Isinqumo sango-June 6 ngeke sishintshwe, futhi ngenxa yalokho, iRussia iphoqwe ukuba ihloniphe amalungelo okugcinwa kokwaziswa kwabantu kuyimfihlo ezimweni ezinjalo futhi ikhokhe imali yenhlawulo.

Media Contact(s):

International: J. R. Brown, Office of Public Information, tel. +1 718 560 5000

Russia: Grigory Martynov, tel. +7 812 702 2691