Dlulela kokuphakathi

UMfoweth’ uKonstantin Sannikov

APRIL 8, 2022
ERUSSIA

Ubaba Osejele Unakekela Izidingo Ezingokomoya Zomndeni Wakhe

Ubaba Osejele Unakekela Izidingo Ezingokomoya Zomndeni Wakhe

Maduze iNkantolo Yesifunda YaseSovetskiy eKazan izomemezela isinqumo sayo ecaleni loMfoweth’ uKonstantin Sannikov. Umshushisi usazofaka isicelo sesigwebo acabanga ukuthi kufanele umfowethu anikwe sona.

Izikhathi Zezenzakalo

  1. Ngo-Agasti 25, 2020

    Kwavulwa icala ngemva kokuba abaseshi befake izinto zokulalela ekhaya likaKonstantin engaboni. Iziphathimandla zibheka ukuvumela ukuba kube nezingxoxo zeBhayibheli emzini wakhe njengokuhlela imisebenzi yeqembu eleqisayo

  2. Ngo-Agasti 27, 2020

    Waboshwa, washeshe wafakwa egumbili lalabo abalinde ukuqulwa kwecala

  3. NgoMeyi 26, 2021

    Inkantolo yenqaba ukuba umkakhe amvakashele futhi iyaqhubeka imenqabela

  4. Ngo-Agasti 20, 2021

    Kwaqala ukuqulwa kwecala

Imininingwane

Ukuthi uKonstantin uyaqhubeka enakekela umndeni wakhe ngokomoya nalapho esejele kwenza siqiniseke ngokuthi uJehova akasoze ahluleka ‘ukondla amalungu omndeni wakhe.’—1 Thimothewu 5:8.

a Ngenxa yokuthi uMfoweth’ uSannikov usaboshiwe, asikwazanga ukumthola ukuba naye aphawule.