Dlulela kokuphakathi

UMfoweth’ u-Aleksandr Kabanov

AGASTI 8, 2022
ERUSSIA

Ukuzilungiselela Kwasiza U-Aleksandr Kabanov Wahlala Ezolile

Ukuzilungiselela Kwasiza U-Aleksandr Kabanov Wahlala Ezolile

INkantolo YeDolobha laseZelenogorsk eSifundeni SaseKrasnoyarsk maduze izomemezela isinqumo ecaleni likaMfoweth’ u-Aleksandr Kabanov. Umshushisi ucele ukuba agwetshwe iminyaka emibili nezinyanga eziyisithupha ebhadla ejele.

Izikhathi Zezenzakalo

  1. NgoDisemba 26, 2019

    Waboshwa futhi wabekwa icala lokuhlanganyela emisebenzini yenhlangano evinjelwe ngoba kuthiwa iyeqisa, ehlanganisa ukufunda iBhayibheli nokuxoxela abanye ngoJehova. Wavalelwa endaweni ayezogcinwa kuyo okwesikhashana

  2. NgoDisemba 27, 2019

    Wakhululwa endaweni ayegcinwe kuyo okwesikhashana ngemva kokuba ijaji lenqabe isicelo somseshi sokuba avalelwe endaweni okugcinwa kuyo abangakaquliswa amacala

  3. NgoDisemba 6, 2021

    U-Aleksandr washo amagama akhe okugcina ngaphambi kokuba agwetshwe. Kunokuba ijaji limgwebe, lanquma ukubuyisela icala kumseshi okwenza isinqumo sangaphuma ngaleso sikhathi.

  4. NgoMashi 25, 2022

    Icala laqhubeka

Mayelana Naye

Abafowethu nodadewethu eRussia bayisibonelo esihle kakhulu sokholo njengoba bephila ngokuvumelana namazwi aku-Isaya 12:2: “Bheka! UNkulunkulu uyinsindiso yami. Ngizothembela kuye futhi ngeke ngesabe; ngoba uJah, uJehova uyizikhwepha zami namandla ami.”