Dlulela kokuphakathi

JUNI 30, 2020
ERUSSIA

Umshushisi Ufake Isicelo Sokuphikisana Nokukhululwa Ngokushesha KukaDennis Christensen

Umshushisi Ufake Isicelo Sokuphikisana Nokukhululwa Ngokushesha KukaDennis Christensen

Sisanda kuthola umbiko wokuthi umshushisi, u-A. A. Shatunov, weHhovisi Labashushisi LeSifunda SaseKursk ufake isicelo sokwenqabela ukuba uMfoweth’ uDennis Christensen asheshe akhululwe ejele. Nakuba abameli bakaMfowesthu uDennis bezosiphikisa isicelo salo mshushisi, akungabazeki ukuthi kuzodlula amasonto ngaphambi kokuba kuhlelwe ukulalelwa kwale ndaba enkantolo. Izikhulu zejele zifake uMfoweth’ uChristensen esitokisini sokujezisa iziboshwa, futhi uzogcinwa kuso izinsuku eziyishumi. Naphezu kwalezi zimo ezidumazayo, uMfoweth’ uChristensen uqhuba kahle kakhulu. Siyabonga ngokuqhubeka kwenu nimthandazela uMfowethu noDadeweth’ uChristensen.