JULAYI 1, 2020
ERUSSIA
Umshushisi WaseRussia Uvimba Ukukhululwa Ngokushesha KukaMfoweth’ uChristensen
NgoJuni 26, 2020, iziphathimandla zasejele laseLgov zavalela ngokungemthetho uMfoweth’ uDennis Christensen endaweni yokujezisa iziboshwa ekhethekile (i-EPKT), okuvame ukufakwa kuyo iziboshwa eziyingozi. Njengoba enempilo ebuthaka, kubonakala sengathi lokhu zikwenzela ukumqeda amandla. Ihhovisi likamshushisi kungenzeka lisebenzisa amacala angamanga ukuze livimbe ukuba uMfoweth’ uChristensen angasheshe akhululwe, okuyisinqumo lona leli hhovisi elalisisekelile ezinsukwini ezingaphambili.
Kakade uMfoweth’ uChristensen usedonse isikhathi esingaphezu kukahhafu wesigwebo sakhe esiyiminyaka eyisithupha. Sekudlule unyaka wonke uMfowethu ekufanelekela ukuthi asheshe adedelwe noma ancishiselwe isigwebo. Ngemva kokufaka izicelo ezintathu, zonke ezashaywa indiva, isicelo sakhe sesine sagcina sifikile enkantolo. Ngo-Juni 23, 2020, iNkantolo Yesifunda YaseLgov yayala ukuba ingxenye esele yesigwebo sakhe ishintshwe ibe inhlawulo. Umshushisi, uMnu. Artem Kofanov, owayekhona ngesikhathi kulalelwe isicelo, wakusekela ukuncishiswa kwesigwebo.
Ngemva kwezinsuku ezimbili, omunye umshushisi, uMnu. Aleksei Shatunov, wathi isinqumo senkantolo sasingekho emthethweni, ngakho masihoxiswe, wathi icala maliqulwe kabusha enkantolo efanayo kodwa kube nejaji elihlukile. UMnu. Shatunov wasekela isicelo sakhe emibikweni engemihle yeziphathimandla zasejele laseLgov eyayithi uMfoweth’ uChristensen akanalo “irekhodi elihle emsebenzini nasendleleni aziphatha ngayo ejele.”
Ngesikhathi kulalelwe isicelo sikaMfoweth’ uChristensen sangoJuni 23, iziphathimandla zasejele zazama ukummangalela ngento efanayo, kodwa ijaji lathi lokhu ababekusho kwakungasekelwe ndawo. Ummeli kaMfoweth’ uChristensen wabonisa inkantolo amaphepha odokotela afakazela ukuthi impilo yakhe ayimvumeli ukuba enze umsebenzi onzima ejele. Ngesikhathi sinikeza ubufakazi, esinye isikhulu sasejele savuma ukuthi wawungekho umsebenzi owawungavumelana nezimo zempilo zikaMfoweth’ uChristensen.
Ngesikhathi ihhovisi likamshushisi liqala ukubheka isicelo sikaMfoweth’ uChristensen sokusheshe akhululwe, iziphathimandla zasejele zathumela imibiko emibili emelene noMfoweth’ uChristensen. Owokuqala wawuthi wayesendaweni yokudlela ngesikhathi esingafanele, owesibili wawuthi wayegqoke isikibha sodwa ngenhla. Ngenxa yalezi zizathu, iziphathimandla zasejele zavalela uMfoweth’ uChristensen e-EPKT izinsuku eziyishumi. Ngokomthetho waseRussia, iziphathimandla zingathatha lezo zinyathelo kuphela uma isiboshwa siyephule ngokuphindaphindiwe imithetho yasejele, ngisho nalapho, kuphela uma isiboshwa sesihlolwe udokotela. Ngenxa yokuthi lokho akwenzekanga endabeni kaMfoweth’ uChristensen, sasingekho isizathu sokumfaka e-EPKT.
UMfoweth’ uChristensen nesinye isiboshwa bavalelwe esitokisini esingamamitha amathathu ubude namamitha amabili ububanzi. Esitokisini abavalelwe kuso awungeni kahle umoya kanti futhi kunesikhunta, okuyinto eyibeka engozini nakakhulu impilo kaMfoweth’ uChristensen engeyinhle. Ezinyangeni nje ezimbalwa ezidlule waphathwa i-pneumonia, kanti futhi sekuphinde kwatholakala ukuthi unenkinga yomgogodla ebucayi. Ummeli kaMfoweth’ uChristensen waveza ukuthi “abaphathi bejele bayazi ngalokhu, kodwa bambeke endaweni okudingeka alale kuyo embhedeni oqinile, okuzenza zibe zimbi kakhulu izinhlungu azizwayo.”
UMfoweth’ uChristensen watshela ummelil wakhe ukuthi ngesikhathi okuthiwa waphula ngaso umthetho, wayekanye nezinye iziboshwa, kodwa nguye kuphela owathunyelwa e-EPKT. Ummeli kaMfoweth’ uChristensen wathi, “Lokhu kusenza sikholelwe ukuthi konke lokhu kuyiqhinga lokuvimba ukuba uDennis angakhululwa njengoba kuyale inkantolo.”
Njengoba iziphathimandla zaseRussia ziqhubeka nokwakha amaqhinga amasha nezinye izindlela ezinonya zokuhlasela abafowethu eRussia, siyaqiniseka ukuthi uJehova uzoba yindawo yabo yokuphephela. Kwangathi sonke singaqhubeka sithandazela ukuba uJehova anikeze uMfoweth’ uChristensen nomkakhe, u-Irina, konke abakudingayo ukuze bahlale bethembekile phakathi nalesi sikhathi esivivinyayo.—IHubo 94:13, 21, 22.