Dlulela kokuphakathi

ERUSSIA

Amanqampunqampu NgeRussia

Amanqampunqampu NgeRussia

Ngemva kokubhaliswa ngokusemthethweni ngo-1992, oFakazi BakaJehova eRussia bathola inkululeko yokukhonza uNkulunkulu ngaphandle kweziphazamiso. Ngo-1999, baphinde babhalisa ngaphansi koMthetho omayelana neziNhlangano Zenkolo Kanye Nezindaba Ezithinta Unembeza. Kunamakhulu amabandla oFakazi BakaJehova abhaliswe ngokusemthethweni kuleli zwe.

Nokho, oFakazi BakaJehova babhekene nezinkinga ezinkulu ezingase zibaphuce inkululeko yabo yokukhonza uNkulunkulu. Kusukela ngo-2009 ezomthetho zisebenzise kabi uMthetho Wokulwa Nezenzo Eziyingozi Emphakathini ukuze zisekele imikhankaso elwisana noFakazi ezweni lonke. Izinkantolo zaseRussia zikhiphe isinqumo sokuthi izincwadi eziningi zoFakazi BakaJehova ziyingozi emphakathini, zasho okufanayo nangewebusayithi yoFakazi esemthethweni i-jw.org. Amaphoyisa aseshe izinkulungwane zemizi yoFakazi kanye nezindawo abakhonzela kuzo. OFakazi babekwe amacala ngenxa nje yokuya emihlanganweni engokwenkolo nokuqhuba leyo mihlangano.

Nakuba iNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu kanye nezinye izinhlangano zibonise ukuthi azihambisani nalokho okwenziwa yiRussia, kuncane okwenziwe yileli zwe ukuze liqede ukuhlukunyezwa nokubandlululwa koFakazi BakaJehova. Abezomthetho bayaqhubeka nemizamo yabo yokuqeda umsebenzi woFakazi BakaJehova eRussia.