Dlulela kokuphakathi

AGASTI 22, 2018
ERUSSIA

Bebeboshwe Emajele, Manje Sebeboshwe Emizini Yabo

Bebeboshwe Emajele, Manje Sebeboshwe Emizini Yabo

Abafowethu ababili abasanda kuboshelwa ezindlini zabo, benabameli babo. Ukusuka kwesobunxele kuya kwesokudla: ummeli uVitaly Svintsov, uVladimir Kochnev, u-Aleksandr Suvorov, nommeli u-Egiazar Chernikov.

Ngo-Agasti 3, 2018, u-Inna Yangubayeva oyijaji eNkantolo Yesifunda SaseLeninsky, ese-Orenburg eRussia, ukhiphe isinqumo sokuba abafowethu uVladimir Kochnev no-Aleksandr Suvorov banikezwe isigwebo sokuba bangaphumi emizini yabo. La bazalwane bese beboshwe izinsuku ezingu-78. Ngosuku olufanayo iNkantolo Yesifunda SaseMagadan igwebe umfowethu uKonstantin Petrov ukuba angaphumi emzini wakhe, nakuba ebesechithe izinsuku ezingu-64 ejele. Nakuba sijabula ngokuthi la bafowethu abathathu abasekho ejele amacala abo asaqhubeka, kanti uma ebalahla bangagwetshwa iminyaka eyishumi ejele.

Ngo-Agasti 16 bekunoFakazi abangu-9 abagwetshwe ukuba bangaphumi emizini yabo, nabanye abangu-25 ababoshwe emajele eRussia. Abanye abazalwane nodade abangu-30 basayiniswe izincwadi ezingokomthetho ezibavimbela ukuphuma emadolobheni abahlala kuwo bengayitholanga imvume yeziphathimandla zendawo. Siyaqhubeka sibathandazela abafowethu nodadewethu ababhekene nezimo ezinzima eRussia.—2 Korinte 1:11.