Dlulela kokuphakathi

JUNE 2, 2014
ERUSSIA

Ukumangalelwa KoFakazi BakaJehova Kuyaqhubeka ETaganrog, ERussia

Ukumangalelwa KoFakazi BakaJehova Kuyaqhubeka ETaganrog, ERussia

Icala loFakazi BakaJehova abangu-16 belilokhu liqhubeka phakathi no-May 2014 eNkantolo YaseTaganrog. Leli ukuphela kwecala eRussia lapho izakhamuzi zakhona ziphoqelelwa ukuba ziphike ukholo lwazo ngoba kuthiwa ziyizephula-mthetho. Omunye obekwe icala wathi: “Bafuna ngiphile njengabanye abantu, abafuni ngihluke. Abafuni ngixoxe nabanye abantu ngeBhayibheli. Ngiyazibuza ukuthi bahlose ukwenzani ngami.”

Iziphathimandla zaseRussia zisebenzisa kabi uMthetho Wokuqeda Umsebenzi Wontamo-lukhuni ekukhulekeleni koFakazi BakaJehova, futhi ziye zaqinisa isandla kulokhu kusukela ngo-2009. UVictor Zhenkov, ongummeli woFakazi, uthi: “Ngiye ngabhekisisa izehlakalo zakamuva zokumangalelwa koFakazi BakaJehova futhi ngafinyelela esiphethweni sokuthi abameleli bezomthetho banoFakazi BakaJehova shaqa.” Iziphathimandla zaseTaganrog ziye zaqinisa isandla ngisho nakakhulu futhi zaphatha inkolo yoFakazi njengokungathi ivinjelwe kule ndawo, ngisho noma oFakazi BakaJehova bebelokhu bebhaliswe ngokomthetho kuyiRussian Federation kusukela ngo-1992. Inhloso yeziphathimandla zeseTaganrog isobala. Omunye ummangalelwa onguFakazi ulandisa lokho okwenzeka: “Iphoyisa lasho ngokucacile ehhovisi lalo: ‘Sayina leli phepha usho ukuthi awuseyena uFakazi KaJehova, thina sizosula leli cala sikudedele—uye lapho uthanda khona.’”

Lab’ oFakazi abangu-16 bangase bahlawuliswe, benziswe umsebenzi oyimpoqo noma bagqunywe ejele, kuye ngokuthi inkantolo inqumeni. Uma beboshwa, inkululeko engokwenkolo iyobe isongelwa kulo lonke elaseRussia. Bonke oFakazi BakaJehova eRussia bayobhekwa njengabantu abazibeka engozini yokuba izephula-mthetho ngenxa nje yokuqhuba imisebenzi yabo engokwenkolo ngokuthula. U-Alyona Borodina, omunye ummeli walabo abamangalelwe, uthi: “OFakazi baphazanyiswa yiziphathimandla zendawo ngokuqhubekayo. Izincwadi zabo zifakwe ohlwini lwezincwadi ezeqisayo. Uma inkantolo ithi incwadi ethile iyeqisa, leyo ncwadi iyashiswa ngokwesinqumo senkantolo. Omunye umlobi wathi: ‘Nomaphi lapho beshisa khona izincwadi, bayogcina beshisa nabantu.’ Inkululeko engokwenkolo isongelwa ngempela.”

Kulindeleke ukuba ijaji likhiphe isinqumo sokugcina phakathi no-June 2014. OFakazi BakaJehova emhlabeni wonke nabanye abantu abaningi abanesithakazelo enkululekweni engokwenkolo bakhathazeke ngokuthi siyoba yini isiphetho salokhu.