Dlulela kokuphakathi

APRIL 22, 2014
ERUSSIA

Izakhamuzi ZaseRussia Zimangalelwa Ngenxa Yokholo Lwazo

Izakhamuzi ZaseRussia Zimangalelwa Ngenxa Yokholo Lwazo

Kuyaqala emlandweni wanamuhla waseRussia ukuba oFakazi BakaJehova abangu-16 * eTaganrog bamangalelwe ngoba behlangana ukuze bakhulekele ngokuthula futhi baphile ngokuvumelana nezinkolelo zabo. * Uma betholakala benecala, bangahlawuliswa imali engaba ama-dollar angu-10 000 ase-United States noma baboshwe iminyaka engaba ngu-8. Lab’ oFakazi abangu-16 batshelwe ukuba bangahambi eTaganrog kuze kube yilapho inkantolo yenza isinqumo.

Ukucindezelwa koFakazi BakaJehova eTaganrog kuqale ngo-June 2008 lapho umShushisi Wesifunda SaseRostov efaka isicelo sokuba kuvalwe futhi kuvinjelwe iNhlangano YoFakazi BakaJehova ETaganrog. Futhi wathi izincwadi ezinyatheliswa oFakazi BakaJehova zinolimi olweqisayo. Inkantolo eyayiqula leli cala yasamukela isicelo somshushisi, futhi iNkantolo Ephakeme YaseRussia yasivuma ngo-December 8, 2009.

Ngemva kwesinqumo seNkantolo Ephakeme, iziphathimandla zashaqa izincwadi eHholo LoMbuso (indawo yokukhulekela) loFakazi BakaJehova eTaganrog, zaphoqa oFakazi ukuba bakhulekele emakhaya abazalwane. Inkantolo yaphinde yayala iziphathimandla ukuba zifake izincwadi ezingu-34 zoFakazi BakaJehova ohlwini olubizwa ngokuthi i-Federal List of Extremist Materials. OFakazi BakaJehova abazamukeli lezi zinqumo futhi badlulisele leli cala eNkantolo YaseYurophu Yamalungelo Abantu.

Iziphathimandla zaseTaganrog zisebenzise lezi zinqumo ukuze zihlukumeze futhi ziphathe kabi oFakazi. Ngo-2011, amaphoyisa omthetho angena ezindlini ezingu-19 zoFakazi ekuseni ngo-6:00, evusa imikhaya, kuhlanganise nasebekhulile nezingane, ukuze aseshe efuna izincwadi okuthiwa ziyingozi amahora angu-8 kuya kwangu-11. Amaphoyisa avele ashaqa zonke izincwadi nezinye izinto. Iziphathimandla zaqopha ngasese kuyi-video imihlangano nabantu ngabanye ukuze zibabeke icala. Izenzakalo zaseTaganrog zaqala umkhankaso kazwelonke wokuphatha kabi oFakazi BakaJehova kulo lonke elaseRussia. *

OFakazi BakaJehova bayinkolo eqashelwayo emhlabeni wonke. UMthetho-sisekelo waseRussia neSivumelwano SaseYurophu Ngokuqondene Namalungelo Abantu kunikeza inkululeko engokwenkolo. Izinkantolo ezinkulu emhlabeni ziye zaqinisekisa ukuthi oFakazi BakaJehova abaliphucwa leli lungelo. Yize kunjalo, amaphoyisa kahulumeni eTaganrog enza njengokungathi oFakazi abalifanelekeli leli lungelo.

Leli cala lisaqhubeka futhi kulindeleke ukuba isinqumo sithathwe ngo-May ngemva kokuba inkantolo isikuzwe konke okuzoshiwo. Uma inkantolo inquma ukuba lab’ oFakazi abangu-16 baboshwe, lokhu kuyoyibeka engozini inkululeko yoFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-800 eTaganrog. Kungase futhi kube isinqumo esibeka isisekelo emacaleni asazoqulwa ngokumelene noFakazi kwezinye izifundazwe zaseRussia.

UGrigory Martynov, ongumkhulumeli woFakazi BakaJehova eRussia, wathi: “Ukuphucwa ilungelo elingokwenkolo ngale ndlela akunasisekelo. OFakazi BakaJehova abalona usongo ekulondekeni koMbuso WaseRussia. Ukuphathwa kabi nokubandlululwa ngale ndlela kubangelwa nje ukuthi bangoFakazi BakaJehova.”

^ isig. 2 Phawula ukuthi bayishumi kuphela abavela esithombeni.

^ isig. 2 Iziphathimandla zaseRussia zamangalela lab’ oFakazi abangu-16 ngo-2012 ngaphansi kwesiPhakamiso 282.2(1) no-(2) seCriminal Code of the Russian Federation, esingenza ukuba umuntu avalelwe ejele iminyaka engaba mithathu. Abadala abane bebandla nabo baye bamangalelwa ngaphansi kweSiphakamiso 150(4) seCriminal Code, esingenza umuntu avalelwe ejele iminyaka engaba ngu-5 kuya kwengu-8.

^ isig. 5 Kusukela esinqumweni sango-December 8, 2009, seNkantolo Ephakeme YaseRussia, amaphoyisa omthetho abophe oFakazi abangaphezu kuka-1 600, avimbela izincwadi zabo ezingaphezu kuka-70 ethi “ziyingozi,” angena ngendlov’ iyangena futhi asesha izindlu ezingaphezu kuka-171 zoFakazi nezindawo zokukhulekela, aphazamisa nemihlangano yabo engu-69.