Dlulela kokuphakathi

DISEMBA 27, 2018
ERUSSIA

Inkantolo YaseRussia Igweba U-Arkadya Akopyan Oneminyaka Engu-70

Inkantolo YaseRussia Igweba U-Arkadya Akopyan Oneminyaka Engu-70

Ijaji leNkantolo Yesifunda SaseProhladniy eRussia, u-Oleg Golovashko, ukhiphe isinqumo ecaleni likaMfoweth’ u-Arkadya Akopyan ngoLwesine ngoDisemba 27. Inkantolo ikhiphe isigwebo sokuthi uMfoweth’ u-Akopyan, oneminyaka engu-70 ubudala, kumelwe anikele ngamahora angu-120 enza umsebenzi wokusiza umphakathi. Isizathu salesi sigwebo? Ubekwe amacala okunxenxa abantu abangebona abebandla loFakazi ukuba banike abantu izincwadi ezigqugquzela ukwahlukana emphakathini.

Nakuba uMfoweth’ u-Akopyan engazange aboshwe ejele, isinqumo esikhishwe yinkantolo sibonise ukungawahloniphi amalungelo abantu. Yingakho leli cala lizodluliselwa enkantolo ephakeme, ukuze kubukezwe lesi sinqumo senkantolo..

Emasontweni ezayo, silindele isinqumo senkantolo ecaleni likaDennis Christensen. Sithandazela ukuba uJehova aqhubeke esekela futhi eqinisa abafowethu nodadewethu ababoshiwe eRussia ngenxa yokukhonza uJehova.—2 Thesalonika 2:16, 17.